TSEPO MOTLOKOA

INHLANGANO yabalimi abamnyama basemakhaya abasafufusa i-African Farmers Association in South Africa (AFASA) yethule uhlelo olusha lomdlalo webhola lezinyawo elidlalwa ngabesifazane abasebancane ngenhloso yokubasondeza  emkhakheni wezolimo obonakala sengathi uvuleleke kwabesilisa kuphela. 

Ngeledlule abaholi be-AFASA KwaZulu-Natal bebeseMpendle benze umqhudelwano wamaqembu awu-8 abesifazane abadlala ibhola lezinyawo obuhambisana nokwethulwa kohlelo lokukhuthaza abesifazane ukungena kwezolimo kungaba ukulima kumbe ukufuya.

UMnu Donatus Dlamini onguNobhala we-AFASA KwaZulu-Natal uthe nonyaka beza nonyawo olusha lokuphuma baye kubantu bayobanxenxa ukungena kwezolimo. Uthe okuyibona bantu abababone besalele ngemuva kakhulu kwezolimo ngabesifazane abasebancane. “Sinqume ukwenza imidlalo leyo engagqamile kakhulu kwabesifazane njengawo lo webhola lezinyawo. Ngokuhlela lo mqhudelwano besifuna abantu bathutheleke ngobuningi beze lapho obekudlalelwa khona ukuze sethule kahle izinhlelo zenhlangano. Kusisizile ukwenza lo mqhudelwano ngoba sithole nethuba lokuzazisa kubantu ukuthi singobani bangazi igama kuphela le-AFASA kube sengathi siyinhlangano yaqeqebana labantu abathile. Kusithokozisile ukubona abesifazane abasebancane benentshisekelo yokungena kwezolimo njengoba bebelokhu bebuze njalo imibuzo ehlabahlosile ebiveza uthando lwabo lokungena kwezolimo,” usho kanje.

UMnu Dlamini uthe njengoba ube yimpumelelo lo mqhudelwano abebewenzele eMpendle sekubafake umfutho wokudlulela nakwezinye izindawo baqhubeke nawo ngoba beyi-AFASA bafuna ukubuyisela uthando lwezolimo kubantu ikakhulukazi kwintsha. Uthe iminyango yabo ivulelekile kunoma ngubani ofuna ulwazi lokungena emkhakheni wezolimo njengoba befuna ukubona kakhulu intsha izimbandakanya nalomkhakha. Kulomqhudelwano oze wafika kowamanqamu Inguga Ladies Club ihlule iPhindangene Ladies Club ngegoli elilodwa eqandeni yakhala yemuka nesiklabhu noR500 obudlalelwa.