TSEPO MOTLOKOA

KUPHELE ukuqwasha kowesilisa waseMpendle obesenezinsuku ezintathu engabuthi quthu ubuthongo ecabanga ngomhlambi wezimbuzi zakhe eziwu-9 ebezivaleleke emgedeni osesebeni lwesiziba emfuleni uMkhomazi abengakwazi ukuzihlenga ngenxa yomfula obudla izindwani.

UMnu Sipho Mhlophe waseStoffelton uthe naphezu kokuba uyakhuluma ngezimbuzi zakhe eziyigugu kuyena usizwe ngabase-Start Rescue, abe-Society for the Prevention of Cruelty to Animal (SPCA) eHowick nabezimo eziphuthumayo base-Netcare 911 eBallito abalusukumele phezulu udaba lwezimbuzi zakhe ngoMsombuluko ebezizomuka nomfula ukuba bezingatakulwa. “Kangihlali ekhaya eMpendle kodwa ukhona umelusi ozibhekile okuwuyena ohlabe umkhosi ngokuvaleleka kwezimbuzi emgedeni osesebeni lomfula. Bese kuphele izinsuku ezintathu zivalelekile emuva kokuna ngamandla kwemvula ngempelasonto okuthe uma ziyibaleka ziyocasha emgedeni kanti kakusezukuba lula ukuphuma ngoba umfula bese ugcwele. Kuthe uma ngizwa ngokuvaleleka kwazo ngabikela usibali wami osebenza e-SPCA eHowick okunguyena oluthathele phezulu udaba wathinta zonke izinhlaka ezibhekelele izilwane kwenziwa imizamo yokutakulwa kwazo. Abase-Netcare bafike nesikebhe okuyisona esilekelelile ukugibelisa izimbuzi zikhishwa emgedeni kunqanyulwa kusona lesi siziba ebesiyingozi. Bangibangule iva abezimo eziphuthumayo ngakwazi ukulala ubuthongo izimbuzi zami sezisegcekeni ekhaya,” kujabula uMnu Mhlophe.

Usihlalo we-African Farmers Association in South Africa (AFASA) KwaZulu-Natal uMnu Mbongeni Sikhakhane unxuse abafuyi ukuba mehlo made emfuyweni yabo ngalesi sikhathi sezimvula ezinkanise kwezinye izifunda esifundazweni. “Siyakuqonda ukuthi kasisenawo amadlelo abiyelwe kodwa abantu mabahlale bengemuva kwemfuyo yabo ukuze bakwazi ukuyiqoqa kalula uma kushintsha izulu. Ukubheka imfuyo kusiza nokuthi amasela angazenzeli umathanda emihlambini yabantu osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba esifundazweni sethu iKwaZulu-Natal,” usho kanje.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo e-Start Rescue uMnu Andreas Mathios ubonge ngesitatimende asikhiphile amavolontiya abo asebenze ngokuzikhandla elekelelana nabase-SPCA nabase-Netcare 911 ukuhlenga izimbuzi ngempumelelo zakwazi ukubuyela kumninizo ziphila futhi ziphelele.