TSEPO MOTLOKOA

UNGQONGQOSHE woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza usehlabe ikhwelo kwizakhamizi zesifundazwe ukuba mehlo made ziqaphe eqolo njengonwabu amaqola asembhidlangweni wokuwaka abantu ngemisebenzi kahulumeni okumele ziyigwazele ngoR9 000 ukungena kuyona.

UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi ukhiphe isitatimende lapho uNkk Khoza exwayisa khona abantu ngokuthi mabazi ukuthi imisebenzi kahulumeni kayidayiswa. Uthe lamaqola azibiza ngezikhulu zeminyango kahulumeni ngamaqola afanelwe ukugqunywa ejele ngoba enza inkohlakalo ngegama likahulumeni wesifundazwe.  

Ngokwesitatimende somnyango kubikwa ukuthi lamaqola adlange esifundeni Ugu, eHarry Gwala naseMgungundlovu. Kuthiwa zinxusa labo abafuna imisebenzi ukuba mabakhokhe kuzona ukuze zibatholele. “Imisebenzi kahulumeni kayidayiswa. Kasisoze satshela abantu ukukhokhela imisebenzi kahulumeni. Eminyangweni kahulumeni silandela imithetho yakhona ebekiwe yokuqasha njengoba izikhala zemisebenzi zikhangiswa emaphephandabeni. Abantu abasuke befake izicelo kuthi uma ziphumelele bese bebizelwa kwinhlolokhono,” usho kanje.

UNkk Khoza uthe kayikho imali ehamba phambili yokuqashwa emisebenzini kahulumeni. “Sikhathazeke kakhulu ngoba lamaqola adlala ngabantu abavele bexakekile abafuna umsebenzi ukuze baphile. Lamaqola acela ukwenzelwa imali le efakwa ezitolo (instant money transfer) ama-ewallet ukuze afake abantu emsebenzini. Sicela labo bantu asebeye baqolwa ukuvula amacala emaphoyiseni ngokushesha. Umnyango kunezindlela osazibheka ozosebenza ngazo ukubhekana ngqo nalamaqola,” usho kanje.

UNkk Khoza uthe kabasoze basonga izandla baphumule kuze kube lamaqola agqunywa ejele. Uthe bazosebenza namaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi abenzi bobubi bayaphenywa bashushiswe uma betholakala necala.