TSEPO MOTLOKOA

UMNYANGO wezokuHlaliswa kwaBantu KwaZulu-Natal ophathiswe uNgqongqoshe Jomo Sibiya sewuhlinzeke ngo-R15 million kubantu abakhahlamezeke ezikhukhuleni zakamuva ezishiye kukhalwa ezifundeni ezinini zesifundazwe abantu basala dengwane kumuka imizi yabo eminye icekelwa yisiphepho.

Lo mnyango ube nomjikelezo uhambela izindawo lezo ezaba nabantu abayizisulu ngokumukelwa yimizi yabo kusukela esifundeni saseMgungundlovu, esasoThukela, ILembe nezinye izingxenye ezibhekwe wuMasipala waseThekwini. 

Abantu ababalelwa kwabangu-112 bathole izindawo zesikhashana abazohlala kuzonan gesikhathi umnyango uphuthumisa ukubakhela izindlu ukuvusa lezo abebehlala kuzona kwathi abawu-150 bona bahlinzekwa ngezidingo zokwakhiwa kabusha kwemizi yabo. 

UMnu Sibiya unikeze ithemba bonke abakhahlamezwe yizikhukhula ukuthi thokola themba amathemba ayewukela kuzohlangatshezwana ngokushesha nokukhala kwabo ngoba umnyango wakhe kawusiwona wezithembiso kodwa ngokwenza kubonakale. Uthe usezihambele izingxenye eziningi ezinabantu abathithwe yizikhukhula futhi ukhona umnyakazo owenziwayo ukubuyiswa kwemizi yabo. Uqinise idolo abantu baKwaZulu-Natala ebatshela ukuthi lokho abakwenzayo akuhlangene nepolitiki kodwa kusizwa wonke umuntu ngale kokubheka ukuthi uphuma kwisiphi isizinda seqembu lepolitiki.Kuzokhumuleka ukuthi isifundazwe iKwaZulu-Natal siye sakshayeka kakhulu kusukela ngomhlaka 22 kuDecember nyakenye kwakuhlasela isiphepho esasihambisana namatshe okwashiya imizi eminingi icekelele phansi eMgungungundlovu nezinye izindawo. Emuva kwalokho kuhlasele imvula enamandla egcine ibhlidliza imizi kangangoba edolobheni laseMnambithi abantu base behamba ngezikebhe emigaqweni ngenxa yamanzi ayegcwele okwagcina kuphazamiseka izitolo nokusebenza kwansuku zonke kuleya ndawo. Nokho uhulumeni waKwaZulu-Natal oholwa wuNdunankulu uMnu Sihle zikalala uthi kukhona okwenziwayo ukubuyisela isimo kwesijwayelekile kulezo ndawo ezathinteka nejngobak ukhona nezamukelwa yimigwaqo.