TSEPO MOTLOKOA

KWETHULWE ngokusemthethweni inhlangano engenzi nzuzo iKwaDukuza Resident Forum (KDRF) ngenhloso yokuzovikela amalungelo ezakhamizi zakulomasipala okuthiwa ziyizisulu zokuhlaselwa kugqekezwe imizi yazo.

I-KDRF ibhaliswe ngokusemthethweni njengenhlangano ezobhekelela ukuphepha kwabantu baKwaDukuza kuze kufike nasemabhizinisini imbala. 

UMnu Riaan Verster owumsunguli weKDRF uthe inhlangano yabo izoqapha ngokusezingeni eliphezulu ngenhloso yokugcina abantu bephephile. “Indawo yaKwaDukuza ingeyawona wonke umuntu ngakho sizimisele ukubambisana sisebenze sonke ukugcina le ndawo iphephile. Labantu abanamapbhizinisi namalungu omphakathi abeze nalombono babe sebecikica isivumelwano sokusebenzisana ukuze indawo ibe nokuthula,” usho kanje.

UMnu Verster uthe iKDRF ihlukile kunezinye izinhlangano ezikhona KwaDukuza ngoba yona kayizile ukuzobheka kuphela kulezo ndawo zabantu abakhokhela ama-rates kamasipala. Uthe bonke abantu bazokwazi ukusebenzisana nayo kusetshenziswa izinkundla zokuxhumana, kungaba yi-WhatsApp, Facebook nezinye. Uthe khona kulezinkundla zokuxhumana abantu bazokwazi ukwabelana ngolwazi baphinde badingide lokho abafuna kwenziwe kangcono ukuze abantu bagcine bephephile emakhaya nasemabhizinisini abo. 

Uthe okuningi kuzotholakala maduzane uma seyihlelekile i-website yeKDRF ngoba kuhle abantu bazi ukuthi wobani ababagadile. Unxuse abantu ukuthi bakuqonde ukuthi inhlangano yabo kayihlanganise lutho namaqemu ezepolitiki kodwa yona yakhelwe esisekelweni sokugcina ukuthula nezokuphepha kuwona wonke umuntu ohlala KwaDukuza. Uthe okwamanje sikhona isigungu sesikhashana esiqokiwe ngokuhamba kwesikhathi esizothulwa emphakathini ukuze saziwe.