TSEPO MOTLOKOA

UMASIPALA waseMandeni uhlaba ikhwele kubantu abakhele lomkhandlu ukusebenziswa izindawo ezihlinzekiwe ukulahla udoti ukuvika ukunubuzeka kwemvelo nokuthi abantu bahlale bephilile ngokuphefumula umoya onempilo.

Abe-SWIFT baphume umkhankaso wabo kade kuvulwa izikole bahlanza ezinye izindawo ezakhele umgwaqo wakwaChappies naseBhidla njengoba bese kulahlwa udoti noma kanjani lokho obekwenza indawo kube sengathi kayinakekelwe ngokwenhlanzeko. Lokhu kuhlanzwa kulandela izikhalo kumbe iziphakamiso zomphakathi wakwaCappies nakwaBhidla abanxuse umasipala ukuba ubalekelele ngokuhlanzwa kwalezi ndawo. 

Ukuhlanzwa kwalezi ndawo kulandela isimemezelo sawo lo masipala waseMandeni obusikhiphili unxusa ukubekezela kwabantu ngokuphazamiseka ukuqoqwa kukadoti emuva kokufa kweloli eliwulandayo. Lapha kuye kwaphazamiseka indawo yakwaNyoni, eKhenananezinye izindawo ebezisizwa wumasipala ekulandweni kukadoti. Umasipala ucele abantu ukubezekala ngalesi sikhathi sokuphazamiseka wethembisa ukuthi wenza ngazo zonke izindlela ukuphuthumisa isimo ukuze sibuyele kwesijwayelekile. Lesi simemezelo sithokozelwe ngabaningi kwi-Facebook Page yaseMandeni njengoba abantu bebonge ukwaziswa ngalokhu kuphazamiseka. Phakathi kwabantu ababongile ukwaziswa wu: Hopwell Gumede, Vumile Mbambo, Sakhile Mkhwanazi, Mandla Ngcobo, iKhanasela Kathleen Naidoo, Siphamandla Mthethwa nabanye.