MAGAYE CELE

ANGENISE inzuzo enhle amahhotela esiFunda, iLembe ngenyanga eyedlule okuyinto ekhulise umnotho walesi siFunda. Kuvela ukuthi ngamaholidi izivakashi eziningi ebezihambele kwiLembe bezikuthakasela kakhulu ukuzinza kumahhotela akulesi siFunda.

Amahhotela esiFunda, iLembe kanye naweseThekwini kubikwa ukuthi yiwona enze inzuzo enkulu kakhulu ngesikhathi samaholidi kaZibandlela. 

Izivakashi ezivakashele isiFunda, iLembe zilinganiselwa kumaphesnti angu-80 okuyinto ebonakale iwufukula kakhulu umnotho walesi siFunda kanye neTheku.

Izindaba zokwenza kahle kakhulu kwesiFunda, iLembe zidalulwe yiloyo onguNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal, uMnuz Sihle Zikalala.

Udalule ukuthi isiFunda, iLembe senze kahle kakhulu kwezomnotho ngesikhathi samaholidi. “Kusijabulisile kakhulu esikubone kwenzeka kwisiFunda iLembe. Phela ayikho into emqoka kakhulu ngaphezulu kokubona umnotho uthuthuka. Ukuthuthuka kwawo ke kuncike kakhulu ekutheni zonke izinto zihamba kahle yini kwezokuVakasha,’’usho kanjena.

Uveze nokuthi nasedolobheni iTheku amahhotela akhona athole inqwaba yezivakashi okuyinto athe bayishayela ihlombe 

Loyo ongugqongqoshe wezokuthuthukiswa koMnotho,eZokuVakasha kanye nezeMvelo esiFundazweni, iKwaZulu Natal, uMnuz Ravi Pillay uthe kuyinto ebalulekile kakhulu ukusimama komnotho kuzona zonke iziFunda ezikhona esiFundazweni, iKwaZulu Natal. 

Uthe kubajabulisile kakhulu ukubona isiFunda, iLembe kanye nedolobha iTheku zenza inzuzo enhle ngesikhathi samaholidi.

UPillay uthe njengoba unyaka uqala bafisa ukuthi zonke iziFunda zibonakale zenza inzuzo njengalo iLembe. 

“Kumqoka kakhulu ukubona ukuthi umnotho wesiFundazwe, iKwaZulu Natal usimama kakhulu. Lokhu ke angingabazi nje nakancane ukuthi kungaba lula akakhulu ukuthi kwenzeke uma sonke sisebenzisana futhi sibambisene,’’usho kanjena.