MAGAYE CELE

LUSEQHULWINI kwiMeya yesiFunda iLembe, udaba lokuqinisekisa ukuphuthunyiswa kwezinsiza kubantu kanye nodaba lokwakhiwa kwengqalasizinda eseqophelweni eliphezulu.

Lezi zindaba ziqinisekiswe yiyona qobo iMeya yalesi siFunda, uKhansela uThobani Shandu. IsiFunda iLembe kuzokhumbuleka ukuthi sibunjwe ngoMasipala abane abangaphansi kwaso. Kubona kubalwa uMkhandlu waseMandeni, enyakatho yesiFundazwe iKwaZulu Natal noholwa nguKhansela Thabani Mdlalose. 

Bese kuba uMkhandlu waseNdwedwe enyakatho yeTheku wona oholwa nguKhansela uKhansela Sam Mfeka. Bese kuba uMkhandlu waKwaDukuza oholwa nguKhansela Lindiwe Nhasa. Kanye nokwakwaMaphumulo.

IMeya yeLembe ithi ifuna ukuqinisekisa ukuthi kuyona yonke le mikhandlu kubonakala kuphuthuma kakhulu ukunikezelwa kwezidingo kubantu kanye nohlelo olumqoka kakhulu lokulungiswa kwengqalasizinda.

“Ngikholwa ukuthi ayikho into ebaluleke ngaphezulu kokuhanjiselwa kwabantu bakithi izidingo ngoba yiyonanto phela leyo abasikhethela yona. Ngakho ke ngikholwa ukuthi kungumsebenzi wethu ukuqinisekisa ukuthi nakanjani lokho kuyenzeka,’’usho kanje echaza.

Okwesibili uthe ingqalasizinda nayo kumele kuqinisekiswe ukuthi iba seqhulwini. “Nodaba lwengqalasizinda nalo ngikholwa ukuthi lumqoka kakhulu. Ngakho ke sizokwenza konke okusemandleni ukulubukela eduze singaluzibi,’’usho kanje.

Iqhuba iMeya ithe okuyikhona okubaluleke kakhulu ukuqinisekisa ukuthi isiFunda iLembe asiqhelelani nabantu kodwa kuyasetshenziswana eduze ukuze phela zizozwakala kalula izimvo zabantu.

“Kumqoka ukuthi sibe seduze nabantu esibasebenzelayo ukuze sizokwazi ukuxhumana kahle nabo sithole nanokuthi yini abafisa ukuthi sibalekelele ngayo futhi leyonto ibaluleke kangakanani kubona njengamalunga omphathi esiwasebenzelayo,’’echaza.

Imeya uKhansela Shandu uveze nokuthi basembhidlangweni wokulwa nengwadla yenkinga yamanzi ebonakala idla lubi kakhulu kwezinye izingxenye zezindawo ezingaphansi kwesiFunda iLembe. 

Uthe kumqoka kakhulu ukuthi lolu daba lubukelelwe eduze maqede kube khona isixazululo sakhona ngokushesha ukuze le nkinga ingagcini seyibonakala seyikhinyabeza kakhulu impilo yamalunga omphakathi wesiFunda, iLembe.