MAGAYE CELE

LWETHULWE ngokusemthethweni uhlelo lokufakelwa kukagesi emijondolo. Lolu hlelo lwethulwe yiloyo oyiPhini leMeya kuMkhandlu weTheku, uMnuz Philani Mavundla ebambisene nethimba likaMasipala weTheku eliseMnyangweni wezamanzi nelibhekelele ukusebenza kukagesi ezindaweni ezahlukene ezakhele iTheku.

UMavundla uthe bayazi futhi bakuqonda kahle kamhlophe ukuthi akumele engabe bafakela abantu ugesi besemijondolo. Uthe kodwa babone ukuthi mabakwenze lokhu ngenxa yokuthi kunabantu ebese behlale isikhathi eside kakhulu bebhekene nale ngwadla.

Uthe kwakunohlelo loMkhandlu weTheku lokuthi abantu bafakelwe ugesi uma sebakheliwe izindlu. Uthe kodwa manje lubonakala luhamba kancane kakhulu uhlelo lukahulumeni lokwakhela abantu izindlu. Wathi yingakho ke bebone kufanele ukuthi abantu babafakele ugesi yize izindlu bengakakhelwa zona.

UMavundla uchaze ugesi njengesidingo esimqoka kakhulu kuwona wonke umuntu odla anhlamvana. Uthe babone kungcono ukuthi balufinyelelise nasemijondolo uhlelo lukagesi kunokuthi umphakathi ubonakale ungazitholi izindlu kodwa futhi ube ubhekene nenkinga enkulu yokungabi nawo ugesi.

“Sithathe isinqumo sokuthi okungenani masibahambisele ugesi. Kunokuthi sibalindise isikhathi eside belinde izindlu kodwa futhi bebe bebhekene nenkinga enkulu yokungabi nawo ugesi,’’kuchaza uMnuz Mavundla.

Uthe okunye okubenze ukuthi balusukumele ngokushesha udaba lukagesi emijondolo ukuthi bese kukhona abanye abese bekhethe ukuthi bamane bawuxhume ngendlela engegunyaziwe okuyinto abethe ingagcina iba yingozi nakubona uqobo njengamalunga omphakathi.

Eqhuba uthe bafuna ukuqinisekisa nokuthi bayaziqeda nya izinyokanyoka ezikhona ezindaweni eziyimijondolo eyakhelene nedolobha iTheku. UMavundla uthe basazoqhubeka nokuhambisa ugesi emijondolo ukuze abantu bangeke baswele ugesi futhi kuzophela nokuxhunywa kukagesi ngendlela ewumgunyathi.