MAGAYE CELE

IMEYA yoMkhandlu weTheku, uKhansela Mxolisi Kaunda usedalule ukuthi bafuna ukwenza konke okusemandleni njengoMkhandlu ngenhloso yokulwa nobugebengu kuleli dolobha obobunakala budla lubi kakhulu.

IMeya uKuanda ichaze ubugebengu obukhona kuleli dolobha njengenye yezithiyo ezinkulu ezibonakala ziphazamisa abatshalizimali. 

Uthe basezingxoxweni ezijulile zokuzama ukubonisana mayelana nohlelo olungasetshenziswa lokuqinisekisa ukuthi kutshalwa amaphoyisa cishe kuzona zonke izingxenye zedolobha iTheku.

Lokho iMeya uKhansela Kaunda uthe ukholwa ukuthi kungabonakala kwenza umehluko omkhulu kakhulu kuleli dolobha kanjalo nakubantu abaphila kule ndawo mihla namalanga.

UKhansela uKuanda uthe ayikho into edlula ukubaluleka kokuba abantu abahlala edolobheni eThekwini bazizwe bephephile ngaso sonke isikhathi.

“Akekho noyedwa umuntu onelungelo lokuthi anyathele amalungelo abanye abantu ngokuthi abahlukumeze noma ngabe ngayiphi indlela. Yingakho ke njengoMkhandlu weTheku sizimisele kakhulu ngokuthi sisebenze ngokukhulu ukuzikhandla lokhu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi buyaphela nje nya ubugebengu ngaphakathi kuleli dolobha,’’kuchaza iMeya.

UMeya uveze ukuthi akusiyona kuphela inkinga yobugebengu abakhathazeke ngayo kumbe ke abasezinhlelweni zokubhekana nayo kuphela. Uveze ukuthi ziningi ezinye izinkinga uMkhandlu weTheku ozimisele kakhulu ngokuthi ubhukule ukuze lezo zinkinga zizophenduka umlando eThekwini.

Phakakathi kwalezo zinkinga ubalule inkinga yokulahlwa kwemfucuza noma kanjani ngaphakthi edolobhei eThekwini. Uthembisile ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi le nkinga iyaphela nje nya njengoba nayo eyichaze njengedala ukuthi izinto zingabi zinhle edolobheni eThekwini.

“Eqinisweni nje kuningi kakhulu njengoMkhandlu weTheku esizimisele ngokuthi siqinisekise ukuthi siyakulungisa kulo nyaka. Kodwa lokhu kobugebengu yikhona esihlose kakhulu ukuthi siqale ngakho ngoba kubonakala kuthanda ukuthi kube yinkinga enkulu nethikameza inhlalonhle yabantu bakhona,’’kuchaza iMeya uKhansela Mxolisi Kaunda.