MAGAYE CELE

UMKHANDLU waseMandeni enyakatho yeKwaZulu Natal sewethule ngokusemthethweni uhlelo lomtapo wolwazi lukamahamba nendlwana phecelezi (Mobile Library).

Ukwethulwa ngokusenthethweni kwalolu hlelo bekukade kuqhubeka esigodini sakhona eMandeni, eMcambini kuWard 09. 

Abantu abasha abangabafundi baseMacambini babe ngabokuqala ngqa ukuba bakwazi ukuthi basebenzise lo mtapo wolwazi ongumahamba nendlwana.

UMkhandlu waseMandeni uholwa nguKhansela Thabani Mdlalose oluchaze njengolubalulekile kakhulu lolu hlelo ikakhulukazi kubantu abasha abangabafundi bakhona eMandeni namaphethelo. 

UKhansela uMdlalose nguyena owuvule ngokusemthethweni lo mtapo wolwazi. Ube esenxenxa amalunga omphakathi waseMacambini ukuba aqinisekise ukuthi lo mtapo bawubheka ngeso lokhozi baqinisekise ukuthi uyaphepha kwizinswelaboya.

“Sinxusa wonke amalunga omphakathi ukuba awuqaphe lo mtapo wolwazi. Kumele sonke siqinisekise futhi sibambisane ukuze lo mtapo uzohlalae njalo uwusizo kithina sonke esiwudingayo,’’usho kanjena uMeya.

UKhansela uMdlalose uthe lo mtapo akangabazi nje nakancane ukuthi uzoba wusizo olukhulu kubantu abasha bakule ndawo ikakhulukazi labo abaqhuba izifundo zabo emikhakheni eyehlukene futhi abasezikhungweni zemfundo ephakene.

UKhansela uMdlalose uthe inhloso enkulu ngalolu hlelo ukuqinisekisa ukuthi bayalivala igebe elibonakala likhona phakathi kwabantu basemakhaya nabasezindaweni eziyisilungu. Uthe kuyamjabulisa kakhulu ukubona lolu hlelo luphumelela.

Uthe ukulethwa komtapo wolwazi kubantu abasha baseMcambini kuzobalekelela kakhulu ekutheni bakwazi ukuqhuba umsebenzi wabo ngokukhulu ukukhululeka lokhu.

Uthe uma abantwana sebefika ezikhungweni zemfundo ephakeme bazobe sebecijeke kahle ngokusetshenziswa ngendlela efanele kwamakhompuyutha njengoba nawo ekhona ngaphakathi kumtapo wolwazi abawuthulile kumalunga omphakathi.

“Asifisi ukuthi abantwana bethu befike emanyuvesi bengazi nokuthi ikhompuyutha icofwa kanjani. Siyathembisa ukuthi sizokwenza isiqiniseko esikhulu sokuthi izinhlelo zalolu hlobo ziyafinyelela kumalunga omphathi wakithi,’’kuphetha iMeya yaseMandeni uKhansela uThabani Mdlalose.