TSEPO MOLEFE

UNGQONGQOSHE woMnnyango wokuThuthukiswa koMphakathi kwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza uhlabe ikhwele kwizakhamizi zesifundazwe ukubambisana naye ekulweni nesihlava sokusetshenziswa kwezidakamizwa okuthiwa ludla lubi entsheni emphakathini.

UNkk Khoza uze nalenhlabamkhosi ehambele ehostela laseKK eClermont lapho abeqhuba khona umkhankaso wakhe wokuletha inhlalakahle emphakathini.

Lapha uNkk Khoza ubephelezelwa ngamalungu ephalamende kuzwelonke uMnu Cyril Xaba ongowokuzalwa eClermont, uNkk Mina Lesoma, uMnu Nigel Gumede namakhansela kaMasipala waseThekwini nabo abebezokhuza lezi sihlava esihlasele sokusetshenziswa budlabha kwezidakamizwa yintsha.

UNkk Khoza uthe lempi yokukhuza ukusetshenziswa kwezidakamizwa eziyingozi emphakathi kayisoze yayekelelwa kuhulumeni kuphela kodwa zonke izinhlaka ziyadingeka ukuyinqanda. Ukhale ngokuthi izidakamizwa zingenye yezimbangela ekukhuleni kodlame lwezobulili olubonakala lukhula ngesivinini eNingizimu Afrika. “Kuyadabukisa ukuthi iningi lamantombazane likhuleliswe ngabantu obekulindeleke ukuba yibona abebavikela. Sifuna ukubona abantu abahoxisa amacala okuhlukunyezwa nawokudlwengulwa beboshwa. Sesikhulumile nophiko lwezamaphoyisa ukuthi lowo oyofika esiteshini sawo ezohoxisa lawa macala naye avalelwe ngaleso sikhathi. Sifuna kuvalwe nokudayiswa kwezinto ezingacacile emasangweni asezikoleni ngoba kugcina kudliwa amakhekhe axovwe ngezinto ezingavumelekile,” usho kanje.

Wengeze ngokuthi izingane ezikoleni zidinga ukuvikelwa ekudleni lonke uhlobo lwamakhekhe ngoba uma seziwadlile zigcina ziphazamiseka sekungene izidakamizwa emzimbeni wazo ziphazamiseke. Uthe bewumnyango bazimisele ukulekelela lezo zingane eseziyizigqila zezidakamizwa ukuze ziqhubeke nempilo yazo. Ube esenxusa abazali ukukhombisa uthando ezinganeni zabo noma ngabe seziyimilutha yezidakamizwa futhi baxhumane nosonhlalakahle ukuze bezolekelela ziyothola usizo ezikhungweni zokusiza ukuyeka ukusebenzisa izidakamizwa. 

UMnu Xaba onguSihlalo weKomidi le-Military Veterans and Defence esiShayamthetho sikazwelonke unxuse umphakathi waseClermonto ukubambisana ukushintsha isimo sendawo. Uthe izibhelu zangoJuly nyakenye zokutatshwa kwezitolo nokushiswa kwazo nezimboni kushiye abantu bencela izithupha bephelelwe yimisebenzi. Uthe labo abemukela isibonelelo sabangasebenzi sikaR350 mabasisebenzise ngokucophelela bangadlali ngaso.