TSEPO MOTLOKOA

BAPHUME izidlathi zivakashele izindlebe othisha bama-High School aKwaMaphumulo kwi-Balcomb’s Hill Circuit esifundeni iLembe abachonywe uphaphe legwalagwala yiMzikayise Ndlovu Foundation ngomsebenzi wabo abawenzela isizwe njengoba kuvela ukuthi othisha abaningi bale-circuit izifundo zabo zithole o-100% ku-Grade 12 wango-2021.

Lo mcimbi beuseLuthuli Museum KwaDukuza uxhaswe nangabeRadio Khwezi lapho uMzikayise Ndlovu ewumsakazi wakhona. Bewuzinyaziwe nguMnu Nhlanhla Nene waKwaNtunjambili eKranskop owake waba nguNgqongqoshe wezeziMali eNingizimu Afrika obeyisikhulumi esiqavile sosuku nengqwayingqwayi emidlalweni yomoya kuKhozi FM uMnu Martin Ziqubu naye obe wuthisha iminyaka ewu-40 njengoba eze waphumula ngo-2018. Bekukhona nendodakazi yeNkosi Albert Luthuli uDkt Zandile Matchaba obehlanganisa iminyaka ewu-90 edla anhlamvana. 

Ekhuluma nababehambele lo mcimbi uDkt Mbuso Mngomezulu woMnyango wezeMfundo esifundeni iLembe ubonge iMzikayise Ndlovu Foundation ngekwenze kothisha bezikole esifundeni sabo. Uthe othisha bangabazali besibili ezinganeni esikoleni njengoba wokuqala esekhaya. “Uthisha kumele kube ngumuntu onothando okwazi ukubekezelela izingane ngoba ziyacathula. Uthisha kumele kumele kube wumuntu oyikholwa afunde ukuxolela ngoba usuke engaxabani nengane. Uthisha makabe nothando akulwele ukubona izingane azifundisayo ziphumelela. Ngaso sonke isikhathi izinto ezinhle kazizifikeli njengemana kodwa kudingeka ukuthi umuntu asebenze kanzima. Uma umuntu esebenze kahle wazifanisa nesigqila kuyothi uma esephumelele adle izithelo zakhe aphilise okwenkosi. Masibe yizigqila kanye empilweni ukuze kusasa siphilise okwamakhosi,” usho kanje.

UMnu Nene uthe uhambele lo mcimbi wothisha ohlelwe yiMzikayise Ndlovu Foundation ngoba naye uyilokhu ayikhona ube yingane efundiswe wuthisha. Uthe libunjwa liseva kumbe ugotshwa usemanzi ngoba ingane kumele ikhuliswe isencane ukuze ibe wutho phambilini. “Ngibonga uMzikayise ngokuthi lokhu asuke ekwenza akazenzeli yena futhi akatholi lutho. Kukhona abantu asebehlomulile ngale-Foundation yakhe ngakho kumele sibonge uma ebonga naye kothisha abamfundisile,” kusho uMnu Nene.