TSEPO MOTLOKOA

OWEMIDLALO yomoya kuKhozi FM uPhumzile Kubheka ongumsunguli woBhaqa Network utuse iqhaza lothisha baseMkhumbane Secondary School eCator Manor  wabahlabisa ngengqama ebabonga ngeqhaza abalibambile ekufundiseni kahle izingane njengoba lesi sikole sithole u-97% wemimphumela ka-Grade 12 nyakenye.

UPhumzile owaziwa ngoPK kubalandeli bemidlalo yomoya yoKhozi FM uthe uBhaqa Network lwasungulwa ukulekelela abafundi ekuqheleni ekusebenziseni izidakamizwa nokuxwayisa amantombazane ngengozi yokukhulelwa esesezikoleni. 

Uthe uMkhumbane Secondary ngesinye sezikole abazihambela kakhulu beyokhuthaza abafundi ngendlela yokuziphatha kahle. “Siyawubona umkhankaso woBhaqa wokuhambela izikole ngoba lezo eziwu-14 zaseChesterville esazifaka ohlelweni lwethu esaseMkhumbane senza kahle kakhulu lokho okubonakale ngemiphumela ka-Grade 12 yanyakenye. Sesiwushintshile umkhankaso wethu wokukhuthaza abafundi njengoba sekungasakhulumi aboBhaqa Network sesinikeze labo abathathe izeluleko zethu bazisebenzisa futhi zabaphumelelisa ukweluleka abafundi. Ukusebenzisa labo bafundi bezikole esizihambelayo kusisiza kakhulu ngoba nozakwabo bayamlalela kwazise babenaye kuleso sikole ngakho usuke ekhuluma nabantu abamaziyo ebaluleka,” usho kanje.UMandisi Mkhonza (19) oseyinxusa loBhaqa Network owakhiwa yizeluleko zalo wakwazi ukuzimisela emsebenzini wesikole wathola o-distinction abawu-7 ayefunda eMkhumbane Secondary  ngo-2020 uthe selokhu aba wumlandeli woBhaqa ngo-2012 lwalusungulwa njengoba lwalufika esikoleni sabo luzoklomelisa ngezindondo nangezitifiketi abafundi abenze kahle. “Ngenza unyaka wesibili kwi-Computer Science eWits University eGoli ngenxa yokwakhiwa wuBhaqa Network. Ngangikhuthazeka uma ngibona abafundi ababenze kahle beklonyeliswa wuBhaqa nami ngazibophezela ngokuthi ngiyoba ngomunye wabaklonyeliswayo uma sengiphase u-Grade 12. Ngicela abafundi bazithathele phezulu izeluleko zabafika ezikoleni zabo ngoba kusasa bazoba ngabantu emphakathini ngenxa yazo,” kusho yena