MAGAYE CELE

UMKHANDLU waKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal usunohlelo lokunikezela ngemifundaze kubantu abasha bakule ndawo abanentshisekelo enkulu yokuthi baqhube izifundo zabo ezikhungweni zemfundo ephakeme.

UMkhandlu waKwaDukuza uholwa nguKhansela Lindiwe Nhasa. Kuzokhumbuleka ukuthi lolu hlelo lalo Mkhandlu nangonyaka owedlule ka-2021 belukhona. Lubonakale lulekelela kakhulu abafundi abaningi baKwaDukuza namaphethelo.

Lo Mkhandlu ukuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokulekelelwa kwabafundi abaphokophelele ukuba nekusasa eliqhakazile ngaso sonke isikhathi.

Lolu hlelo lokunikezelwa ngemifundaze lukuveza ngokusobala ukuthi lubhekelele kuphela abantu abasha abahlala kwaDukuza kuphela.

Lolu hlelo lalo Mkhandlu luzoxhasa abafundi bakule ndawo abaenentshisekelo yokuthi baqhube lezi zifundo ezilandelayo uma sebesezikhungweni zemfundo ephakeme. I-Accounting, Architecture, Built Environment,Civil Engineering, Commerce, Community and Economic Development Studies, Construction Management, Electrical Engineering (Haevy Current), Environmental Management, Horticulture, Housing, Interna Audit, Legal, Library Science, Local Government Management, Logistics, Occupational Helath and Safety, Performance Management/ Monitoring and Evaluation, Property Valuation, Public Finance, Quantity Surveying, Risk Management, Supply Chain Management kanye neTown and Regional Planning.

Lolu hlelo lwemifundazwe oluqhutshwa yilo Mkhandlu selukwazile ukuthi lusize abantu abasha abaningi bakule ndawo okuyiyona nhloso vele yoMkhandlu. UMkhandlu waKwaDukuza ungaphansi kwesiFunda, iLembe. 

Lo Mkhandlu ngaphambilini wawaziwa ngokuthi yiStanger. Wawukade uqanjwe ngenhloso yokuhlonipha, uWilliam Stanger. Kodwa kwathi ngonyaka ka-2006 lashintshwa igama lawo wabizwa ngokuthi iKwaDukuza. Loyo kwaba umbono ophusile kangqongqoshe wamasiko namaCiko wangaleso sikhathi waKwaZulu Natal.