TSEPO MOLEFE

ISIZWE saKwaMpumuza eMgungundlovu samukele izinhlelo zenkosi yaso entsha uKhethukuthula Zondi zokungelela ezikoleni ezingaphansi kwalesi sizwe ukubheka ukuthi ngabe ezemfundo zihamba kahle yini nokuthi abafundi nabazali babambisene yini nothisha emsebenzini wesikole.

Inkosi Zondi yethule inhlangano eyisungulile ebizwa ngoBukhosi Emfundweni okuhloswe ngayo ukunikeza ubuholi bendabuko ithuba lokuba neso nezwi emfundweni yezingane ikakhulukazi ezikoleni ezingaphansi kwesizwe saKwaMpumuza. Lokhu kwethulwa koBukhosi Emfundweni bekuhanjelwe ngabahloli besiyingi esikhulu saKwaVulindlela, ubuholi bukaMasipala waseMsunduzi, izingane eziphase ngamalengiso u-grade 12 nyakenye ezikoleni eziwu-11 ezingama-high KwaMpumuza nezithunywa ebezimele ihhovisi lomqondisi woMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal.

Ikhuluma ngezinhlelo enazo ngoBukhosi Emfundweni iNkosi Khethokuhle ithe ukuze isizwe sibumbane ibone kukuhle ukuba umkhandlu wayo unikezwe amandla okusondela ezinganeni ezikoleni. “Okuyikhona esikufisayo siwumkhandlu wesizwe ukubumba isizwe esiphilile lokho esibone kukuhle ukuthi masikuqale ngokuthi singene ezikoleni sisebenzisane nezigungu nothisha ukubheka ukuthi izingane ziqhuba kanjani esikoleni nokuthi ziziphethe kanjani emagcekeni esikole. Sifuna ukuqeda imidlwembe engena ezikoleni iphazamise ukufunda njengoba kwake kwenzeka eminyakeni edlule kwesinye sezikole saseLaduma High School lapho uthisha wasefazane wahlaselwa wagwazwa wabulawa esemsebenzini. Sifuna ukuthi uma kukhona ingane okubikwa ukuthi kayiziphethe kahle singenelele ngokuthi sibize umzali wayo sisebenzisane nazo zonke izinhlaka ukuze igcine isizakele. Loluhlelo siyafisa ukulusebenza kahle luze lusabalale nakwezinye izizwe zamakhosi ngoba inhloso yinye singamakhosi ukuhola isizwe esiqotho nesiphumelelayo,” kusho iNkosi Zondi.