TSEPO MOTLOKOA

KUQHUME umikizo KwaMzimba Primary School naseMzamweni High School eMgungundlovu kutheleka uNkk Sindisiwe Chikunga oyiPhini likaNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthuka kuzwelonke etheleka kulezi zikole namabhayisikile awu-500 anikelelwe abafundi abahamba amabanga amade ukuza esikoleni.

Lamabhayisikili athulwe ngaphansi kohlelo lwalo mnyango olubizwa ngeleSHOVA KALULA oluhambisana nomkhankaso wokuxwayisa ngokuphepha emgaqweni. Kuthiwe azolekelela labo bafundi okubathatha isikhathi eside ukufinyelela esikoleni ngenxa yokuqhela kwamakhaya abo.

Ekhuluma uNkk Chikunga uthe ukutheleka kulezi zikole kube wuhlelo oluqondane nokuthi umnyango wabo usezinhlelweni zokufundisa ezokuphepha kubafundi ezikoleni. Uthe abafundi abaningi bagcina bemadolo nzima ukuya esikoleni baze bayeke ukufunda ngoba behamba ibanga elide ukuya esikoleni. “Siyazi ukuthi kunezikole ezingenazo izinhlelo zoMnyango wezeMfundo zokuhlinzeka abafundi ngezimoto ezibalanda emakhaya zibase ezikoleni. Sibe sesingenelela kulezi zikole ngoba sifuna abafundi bakhutazeke sabe sesinikela ngalamabhayisikile. Sibadonse ngendlebe labo abawatholile ukuthi akusiwona okuswenka kodwa ngawokubalekelela ukufika kalula esikoleni. Sibacele ukuthi bawasebenzise ukuza esikoleni kuphela kungabonakali sekukhona olisebenzisa noma eyothenga isinkwa esitolo sendawo. Sifuna ukuthi uma kukhona umfundi owenza u-Grade 12 kuthi uma sekuphele unyaka alibuyise leli bhayisikili ngoba ngelesikole ukuze liphinde lilekelele omunye umfundi ngonyaka olandelayo,” usho kanje.U-Amanda Gwala wase-Elandskop ongomunye wabahlomule ngebhayisikile uthuse uhlelo lomnyango ethi labambhayisikili asezobasiza kakhulu ukufika kalula esikoleni. Ubale ibanga elide abelihamba obekumenza afike sekudlule isikhathi aze agejwe nangamakilasi asekuseni. “Sibonga ukuthi sekuzoba lula ukufika esikoleni ngalamabhayisikili esiwanikelelwe wumnyango. Bekwenzeka ukuthi sigcine sesifike sekudlule isikhathi esikoleni ikakhulukazi uma sicelwe ukungena amakilasi asekuseni kakhulu ngoba besihamba ngezinyawo futhi kungelula ukuvuka ekuseni kakhulu kusemnyama ngenxa yokungaphephi kwasendaweni,” kusho le ntombazanyana