BEKUWUSUKU lokugcina namhlanje lukaMasipala wasOndini lokuhambela zonke izikole eziyisithupha eziphase kahle umatikuletsheni kunyaka ka 2021.

Umbiko othunyelwe

Loluhlelo lugoqelwe eNsabekhuluma High School nayo engezinye zezikole ezenze kahle. Lesi sikole sinomlando ongemuhle wokungaphasi kahle ngenxa yezinkinga azike zahlasela lendawo. Ezinye zazo kwaba yizimpi zezigodi ebeziqubuka ngaphakathi zize ziphazamise uhlelo lokufunda nokufundisa. Lokhu kuyithintile kakhulu imiphumela yabafundi njengoba bekwembulwa kwembeswa.

Kulonyaka odlule kwenzeke isimangaliso izingane zaphasa ngamalengiso ngo 100%. UMeya kaMasipala wasOndini uMnu uWilson Ntshangase wethule lelisheke lika R10 000. “Nginxusa abafundi nabazali bezame ngakho konke okusemandleni abo ukuba bafake izicelo zezikhala zokufunda imfundo ephakeme kusenesikhathi ngokohlelo lakwa CAO. Kuba buhlungu ingane uma isiqedile isikole yaphasa kahle bese iphenduka undingasthebeni ingasasitholanga isikole.”

IBamba likaThishanhloko uNkk uMhlongo ngenxa yokuthi UThishomkhulu ubengekho kulomcimbi ngenxa yezinye Izinhlelo ebezikhona osukwini.

“Sekunesikhathi eside ngaba khona kulesi sikole kepha asikaze sibubone ubuhle obungaka. Kusuka befika besuka kwa Grade 8 kuze kwafika kwamatikuletsheni. Sibonga kakhulu ikilasi lika 2021, lisenze abantu nalaba abakhona basangakwenza lokhu nangaphezulu. Ngibonga zonke izinhlaka ezibambisene ukuqinisekisa ukuthi sicosha lemiphumela eyisimangaliso.”

Isikole sikhale ngezinsiza okubalwa umtapo wolwazi, amaphephandaba nokunye kokusiza ukuthi isiko lokufunda nokufundisa esikoleni liqhubeka ngendlela.