By Nokulunga Majola 

Sewukhishiwe umbiko obulindelwe ngabomvu wezibhelu zangoJulayi 2021 eNingizimu Afrika, owenziwe ngokubambisana yiKhomishana Yamalungelo Abantu yaseNingizimu Afrika kanye neKhomishini Yamalungelo Ezamasiko, Ezenkolo Nezilimi. Kodwa-ke, abaningi banomuzwa wokuthi uyasalela ekunikezeni ukuqonda okuphelele ngezehlakalo ezenzeka ngoJulayi 2021 kanye nezimbangela zazo eziwumsuka.

Lombiko onamakhasi angu-252, owakhishwa ngoJanuwari 29, 2024, ubugxile kakhulu ezenzakalweni zaseThekwini, ePhoenix, lapho kwashuba khona ukungezwani phakathi kwabantu abamnyama nabomdabu waseNdiya. Kodwa-ke, ayinayo imininingwane eqondile yobufakazi obuqoqiwe, okuphakamisa ukukhathazeka mayelana nokujula kwayo.

Izincomo kulombiko zihlanganisa ukugqugquzela ukuzwana  phakathi kwemiphakathi yabansundu neyamaNdiya ngokuhlanganyela kwezemidlalo kanye nokukhumbula izimpilo ezalahleka ngesikhathi sezinxushunxushu ngomfanekiso owakhiwe uhulumeni. Kodwa-ke, abantu abafana noMnuz Thapelo Mohapi okhulumela inhlangano Abahlali Basemjondolo, uzwakalisa ukudumala ngokugxila kombiko ekugcinweni komthetho kunokuba ubhekane nokungalingani kwezenhlalo-mnotho.

“Ikhomishini yehlulekile ukuhlanganisa lezi zibhelu nokuboshwa kowayengumengameli ekubeni bukhona bonke ubufakazi. Abahlali baseMjondolo banikeza ubufakazi bokuthi abashoshozeli babekhluma ku-WhatsApp ngaphambi kwalezi zibhelu. Lokhu bekungemva kosuku lokuboshwa kowayenguMengameli. Engxoxweni yezokuxhumana kuWhatsApp abantu babhala ukuthi bafuna ukushisa umuzi kasihlalo weState Capture eKZN ngoba uyena oyisizathu sokuboshwa kwalowo owayenguMengameli. Lekhomishini iphinde yafeyila abantu baseBhambayi, Zwelisha kanye nase-Amaoti ababulawa ngesihluku somphakathi wamaNdiya. Nokho, siyawamukela umbiko we-CRL osho inkinga yokungalingani phakathi kwale miphakathi yomibili. Imfundo ehlinzekwa emiphakathini yabamnyama ingaphansi kwaleyo enikezwa umphakathi wamaNdiya, lokho kwashiwo yi-CRL.”

Izisulu kanye nemiphakathi ethintekile izwakalisa ukungeneliseki ngalo mbiko, isho ukwehluleka kwawo ukumela ngokwanele okwenzeka kanye nokubakhathazayo. UNksz Zithobile Matyhobo, oyilungu lenhlangano yomphakathi iPeace and Light eyasungulwa ngo-2022 ukusiza abahlukumezekile ngodlame lwango-2021, ugcizelela ukuthi balindele ngabomvu izimpendulo zeminyango ethintekayo ngaphambi kokuba bacabangele izinyathelo zomthetho ukuze bathole usizo nobulungisa.

UMatyhobo uthe izisulu zizizwa sengathi zishiywe ngaphandle njengoba umbiko ungasho lutho ngazo.

  Ngokunjalo, uNkk Blessing Nyoni weKomidi Lokuthula laseBhambayi uzwakalisa ukudumala, ephawula ukungagxili kombiko kwabahlukunyezwayo kanye nokukhipha kwawo okumangalisayo okuhlobene phakathi kwezibhelu nokuboshwa kwalowo owayenguMengameli uZuma.

“Akukho lutho olubabazisayo ngalombiko, akukho lutho ngabashonile futhi ngiyamangala uma bethi awuhlangene nokuboshwa kwalowo owayengumengameli uJacob Zuma. Zonke izindonga zazibhalwe khulula uZuma. Pho kungani manje umbiko uthi akukho ukuxhumana,” kusho uNyoni.

Wengeze ngokuthi ngasohlangothini lwasePhoenix, ubona sengathi udlame lubhebhethekiswe intukuthelo nobuhlungu umphakathi wamaNdiya owawuzwile kubantu abamnyama. “Kunezilonda ezindala ezingapholi, futhi lombiko awenzi mehluko ukulungisa lokhu kunalokhu uyagqiba,” kusho yena.  

UMfundisi Wonderboy Caluza waseNanda, owashonelwa yindodana yakhe ngesikhathi sezinxushunxushu uthe ubona sengathi izisulu noma abathintekile bebengafakwanga kulo mbiko, nokho yibona ababaluleke kakhulu abalahlekelwa yizimpilo zabo. Ubalule ukuthi babheke ukuthi bathole ummeli ozobamela ukuze bathole nezimpendulo kanjalo nokunxeshezelwa ngakho konke ukuhlukumezeka abadlula kubo.

  Iningi lemindeni yezisulu lithi alinandaba kakhulu nalo mbiko njengoba ungabatsheli lutho ngaphandle kwalokho abavele sebekwazi.

Namaqembu ezepolitiki okubalwa I DA Kanye ne BOSA nawo azwakalise ukungawenameli lombiko athi awucacisi ngemikhankaso esekela uMnuz Zuma kanye nomsuka wezibhelu nokuyinto obekumele ibonakale kulombiko.