By Nokulunga Majola 

Siyaqhubeka nokuba simbi isimo endaweni yaseNanda e-Amaoti Transit Camp kuShellbrook Street, enyakatho yeTheku njengoba izinto ziqhubeka nokonakala emva kokuba abahlali balendawo beshise izindlu zangasese bekhala ngokuthi bezingasanakekelwa. 

Ngonyaka odlule abahlali balendawo ababalelwa ku 360 bakhala ngesimo senhlalo esingesihle bethi uMasipala weTheku awubanakile njengoba izindlu zabo zangasese bese zingekho esimnweni esigculisayo. Lezindlu iningi lazo sezivaliwe ngoba ziyavuza, zigqobhokile, izicabha namawindi kuphukile kanti namanzi ayazixhaxhazela nje.

Baphinde bakhala ngokuthi udoti awuqoqwa nokubaphoqa ukuthi balahle noma ikuphi. Labahlali asebehlale lapha iminyaka engaphezu kwengu-11 bathi abasenalo ithemba lokuthuthela ezweni labo lesethembiso. Bathi bathenjiswa uhulumeni ukuthi bazohlala isikhashana kodwa manje sesiside isikhathi nezingane sezikhulile;

Umhlali uMnu Lindikhaya Mfeya uthi emva kwesikhalazo sabo uMasipala waletha abantu abazoqoqa udoti Kanye nezindlu zangasese zesikhashana. “Ngokuhamba kwesikhathi bagcina bengasafiki abantu ukuzozihlanza lezindlu njengoba bebezihlanza kabili ngesonto,” kusho yena. 

Uthi umphakathi waqala wakhononda uthi uyanukelwa bekungcono lezindlu ezindala ngoba bebezikhulula noma ikuphi bazi abanazo izindlu zangasese. 

Usihlalo wekomiti lendawo yase-Amaoti Transit Camp uNkk Nontethelelo Ndleleni uzwakalise ukukhathazeka ngokwenzeka ngoba uthi yonke into ibihamba kahle nobese kubanika ithemba kanti ke inkampani okuyiyona ebihlanza izindlu zangasese yagcina ingasafiki nokwathi uma bebuza yathi uMasipala awusayikhokheli. 

“Okusho umphakathi wacasuka ukuhlala nezindlu zangasese ezingcolile nezinukayo ngoba savuka ekuseni ngo December zishisiwe zonke lezi zesikhashana. Kungiphatha kabi kakhulu lokhu ngoba ukucekela phansi impahla nokuyinto esingahambisani nayo,” kusho uNkk Ndleleni. 

Uthi uyaqonda abahlali bacasuka kodwa kwakungamele bacekele phansi impahla. Mayelana nodoti uthi isimo sesibuyele kwesidala njengoba nawo ubungasaqoqwa. Uthi usuyahlala isikhathi eside kanti nabantu sebelahla noma ikuphi ngoba bayazi awulandwa. Labahlali bathi kuyabakhathaza ukunganakwa uMasipala nokubenza babe nentukuthelo ukuthi basuswa ezindaweni zabo abebehlala kuzo bethi bayiswa endaweni engcono kanti balethwa ekuhluphekeni.  

Okhulumela uMasipala weTheku uNkk Gugu Sisilana uthe ukuqoqwa kukadoti kulendawo kwaqhubeka ngonyaka odlule. “Kodwa ngezikhathi ezahlukene ithimba lethu lweCleansing and Solid Waste (CSW beluthi uma lifika lifike kuhlanzekile nokwenzeke izikhawana sabona kuwukumosha isikhathi zadlulisela izinsiza kwezinye izindawo ezidingeka kakhulu. Ithimba lethu liyabonga ukuthi udaba lokuqoqwa kukadoti selidluliselwe kulo futhi lizolusukumela loludala,” kusho uNkk Sisilana.