Magaye Cele
Loyo oyilungu lePhalamende emahhovisini aseMandeni enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal unikelele ngamagilosa okudla abantu abadala bakule ndawo.

Loyo nguNksz Makhosazane Zungu ngokuzalwa ongowakhona eMandeni.

Ukunikelelwa kwalaba bantu abadala kuvelile ukuthi uNksz Zungu ubekwenza ngaphansi kohlelo olubizwa ngokuthi yiKhumbulekhaya Programme.

Sebebonke abantu abadala abanyelwe yinyoni esandleni bahlomula ngamagilosa balinganiselwa ku-250.

Bebekade bevela kumaward angu-18 ehlukene akhona eMandeni.

Laba bantu abadala bagixatshezwe nangezipho zoblankethi.

UNkk Zungu uthe ngalokhu ubehlose ukubabonga besadla anhlamvana abantu abadala ngokuthi abantu abasha bathola ingqayizivele yethuba lokuthi bancele kogwansile kubona njengoba benobuhlakani.

Abanye abantu abadala abalinganiselwa ku-30 bona abakwazanga ukufinyelela ehholo eSibusisiwe ngenxa yempilo.

Kudingeke ukuthi bona babanjelwe ezindaweni abakuzona emakhaya.

Lo mcimbi ubukade uzinyaziswe ukuba khona kukaNkk Mbali Frazer ophinde abe nguNgqongqoshe wezeMfundo esiFundazweni saKwaZulu Natal.

UNkk Frazer umongo wenkulumo ayethulile lapha ubukade umayelana nokubaluleka kokuba kunakekelwe abantu abadala.

Unxuse bonke abantu abadala baseMandeni namaphethelo ukuba bangabimadolonzima ukuphumela obala uma bethola ukuhlukumezeka ngezindlela ezahlukene.

Ukhulume nangohlelo oluhlabahlosile lukahulumeni olubeka eqhulwini ukunakekelwa kwabantu abadala.

UNkk Frazer ukhumbuze bonke abantu abadala ukuthi iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) liyanakekela kakhulu.

“Leli yiqembu elinakekelayo elinothando futhi elibazisayo kakhulu abantu abadala,” usho kanje.

Ugcizelele kakhulu ukuthi uhulumeni wenza konke okusemandleni ngenhloso yokwenza ngcono inhlalo yabo bonke abantu.

Ubuholi obuphezulu be-ANC eGeneral Gizenga Mpanza nabo bebukhona.

Bebukade beholwa ngunobhala jikelele wayo uMnuz Siphesihle Zulu, uNksz Zama Dlamini, iMeya yaKwaDukuza uKhansela Lindiwe Nhaca, yiPhini likaMeya laseMandeni uMnuz Bheki Magwaza kanye namakhansela ehlukene aseMandeni.

Kulo mcimbi bekukade kunandisa iqembu lomculp wokholo Abanqobi, umculi kaMaskandi uNtencane Amabhubesi asanda kunqoba emncintiswane iClash of the Choirs.

USiyabonga Imbongi Mpunguse naye ubekhona.