Magaye Cele

UMasipala waKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal uswmbhidlangweni wokufukula osomabhizinisi abancane bakule ndawo.

Lezi zi daba ezehle njengoju kosomabhizinisi abasathuthuka zidalulwe yiloyo oyiMeya yalo Mkhandlu, uKhansela Lindiwe Nhaca.

UMeya uNhaca ubekade ekhuluma kabanzi ngokubuleka kokufukulwa kosomabhizinisi abancane muva nje.

Ubekade ethula inkulumo yakhe ebinohlonze yokuvula uhlelo lwabo abalwethe elokuthi yi-Entrepreneuship Month Programme.

Lolu hlelo iMeya ilwethule ngokusemthethweni iseLa Montagne First Resorts.

Ziningi izinhlelo ezihlabahlosile iMeya ezidalulile ethe zizosetshenziselwa ukuthi kuthuthukiswe osomabhizinisi abancane waKwaDukuza namaphethelo.

Uqale wakhuluma ngohlelo lokulelelelwa kosonkontileka bakule ndawo abasuke benentshisekelo yokwenza umsebenzi kodwa bebhekene nenkinga yokungabi nawo amandla enele okuthenga izinsiza.

UMeya uKhansela uNhaca udalule ukuthi kulokho bazongenelela.
“Sesizongenelela manje senze isiqiniseko esikhulu sokuthi siyabalekelela manje labo sonkontileka. Sikholwa ukuthi lokhu kuwumqondo ophusile kakhulu futhi ozodala ukuthi kube lula ukusebenza kunoma yibaphi osonkontileka abanesifiso sokuqala umsebenzi,”usho kanjena.

Udalule ukuthi uhlelo lwabo lokulekelela osomabhizinisi alukhethi iphela emasini.
“Yingakho nje sizolekelela nalabo abanezitolo ngaphakathi edolobheni. Sizobafundisa nangokubaluleka kokuba bakwazi ukuthi baqhube ibhizinisi labo ngendlela ezokwazi ukuthi ibenzele inzuzo,” usho kanjena.

UMeya udalule ukuthi kunesamba semali esilinganiselwa ku-R1,5 million esizosetshenziselwa ukulekelela osomabhizinisi abancane bakuyona le ndawo.

UMeya ithe kulokoza inhlansi yethemba mayelaba nokuthuthuka kwabo bonke osomabhizinisi abancane.

Udalule ukuthi sibonakale sikha kakhulu isibalo sabantu abahlala KwaDukuza kusukela ngonyaka ka-2011 kuze kuba unyaka esikuwona.

Noma kunjalo uthe kungumsebenzi wabo ukuqinisekisa ukuthi bonke laba bantu bathola intuthuko.kanye namathu ba omsebenzi.

Uveze ukuthi basebenzisana nezinye izinhlaka ezahlukene ukuqinisekisa ukuthi luhamba kahle lonke uhlelo lokufukulwa kosomabhizinisi abancane.