Magaye Cele 

Ngenhloso yokuqinisa umkhankaso wayo wokukhankasela ukhetho lwangonyaka ozayo iqembu lezepolitiko iDemocratic Alliance iDA ngamafuphi seyithule ngokusemthethweni ibillboard yayo eChartsworth.

Lokhu obekwenziwa yileli qembu kuza emva komcimbi omkhulu waleli qembu wokukhuthaza ukubhalisela ukuvota.

Lo mcimbi ubukade uhanjelwe ngabantu abaningi kakhulu abalinganiselwa ku-4000.

Umcimbi ubukade ungoMgqibelo emini.

IBillboard ebeyivulwa ngokusemthethweni izobonakala isatshalaliswa kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.

Leli qembu lizophinde lisebenzise umkhankaso wesikhundla sobuNdunankulu ngenhloso yokubuyisa ithemba kubantu naseNingizimu Afrika.

Lokhu le nhlangano ikwenza ikakhulukazi ngoba ikholwa ukuthi lizogcine lifezekile iphupho layo lokunqoba isiFundazwe saKwaZulu Natal

Kubonakala kukukhulu ukuzethemba kuleli qembu ngokhetho lwangonyaka ozayo.

Leli qembu lenza lemikhankaso nje isivele isiyavutha imikhankaso yamaqembu ehlukene.