UMNUZ uThami Ntuli

SANDILE MTHETHWA

OMASIPALA basesiFundazweni saKwaZulu Natal kumele benze isiqiniseko sokuthi baba nezinhlelo zokuthuthukisa abantu abasha ngolwazi lwezobuChwepheshe ngokusho kulayo onguSihlalo weSouth African Government Association (Salga). uMnuz Thami Ntuli.

UMnuz uNtuli ukuchaza njengento emqoka kakhulu ukubaluleka kokuba abantu abasha basesiFundazweni saKwaZulu Natal babonakale becijwa ngolwazi olunzulu olumayelana nezobuChwepheshe.

UMnuz uNtuli uthi ukuthuthukiswa kwabantu abasha ngolwazi lwezobuChwepheshe yinto engabalekelela kakhulu abantu abasha bakulesi siFundazwe.

Uthi yingakho nje bephosela inselelo bonke oMasipala baKwaZulu Natal ukuba babhukule benze isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu abasha bayathuthukiswa kakhulu ngolwazi lwezobuChwepheshe.

UNtuli uthi akumele abantu abasha baKwaZulu Natal babonakale besilela emuva njalo uma kukhulunywa ngezobuChwepheshe.

Ekhuluma kabanzi ngalokhu uMnuz uThami Ntuli uthe: “Njengoba kuya ngokuya kuvela ukuthi ezobuChwepheshe yizona kanye esesiphila ngazo manje kumqoka kakhulu ukuthi sonke senze isiqiniseko esikhulu sokuthi abantu abasha bethu bathola uqeqesho olukhulu uma kukhulunywa ngezobuChwepheshe.’’

UNtuli uthi ukholwa ukuthi inkulu indima engabonakala iklanywa oMasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayathuthuka kwezobuChwepheshe.

“Uma omasipala basesiFundazweni saKwaZulu Natal bengasebenza ngokuzikhandla ukuthuthukisa abantu abasha kwezobuChwepheshe lokho kungathela izithelo ezinhle kakhulu,’’kugcizelela uMnu uNtuli.

Eqhubeka uthi ukholwa ukuthi ezobuChwepheshe zingaholela ekutheni iKwaZulu Natal ibe nohlobo lwabantu abasha abanobuhlakani futhi abakwaziyo ukwenza izinto zenzeke.

“Likhulu ithemba ngabantu abasha baKwaZulu Natal yingakho nje sifuna ukubabona bephila impilo engcono,’’usho kanjena.