MAGAYE CELE

EMKHANKASWENI wikukhuthaza izakhamizi ezizinakekelayo uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zoMdabu KwaZulu Natal,uNkk Bongi Sithole Moloi ngokubambisana neMeya yesiFunda iLembe,uKhansela uThobani Shandu bethule ngokusemthethweni iMasakhane Campaign.

Ngaphambi kokuba kwethulwe lolu hlelo, usuku luqale ngokuthi kube nohlelo lokuhlanzwa kwendawo yaseSundumbili ebizwa ngokuthi yiDark City ngemuva kwalokho kube khona izinto ezibhungwayo namlungu omphakathi enkundleni yezemidlalo, KwaNgcedomhlophe.

Uhlelo iMasakhane lumayelana nokukhuthaza amalungu omphakathi ukuba asebenzisane kahle nomasipala ukuqinisekisa ukuthi zonke izikweletu ziyakhokhwa nokuqinisekisa ukusebenza kahle komasipala.

Ngesikhathi kwethulwa lolu hlelo uNgqongqoshe uNkk Sithole Moloi uphinde wakhuluma nangokubaluleka kohlelo olubizwa ngokuthi yiRand for Rand okuwuhlelo oluhlose ukwenza ngcono ukwenziwa kwenzuzo.

Lolu hlelo luphinde lusize abahlali okanye abathengi ekutheni bagcine bekwazile ukuthi baphothule izikweletu zabo ngaphandle kwenkinga.

IMeya yesiFunda iLembe, uKhansela uShandu ukushayele elikhulu ihlombe leli ukubunjwa kobudlelwane obuqinile phakathi kweLembe kanye nabathengi.

UKhansela uShandu uthe ukwethulwa kwazo zombili lezi zinhlelo okuyiMasakhane Campaign kanye neRand For Rand kuyinto enhle kakhulu futhi bayakwamukela bona njesingeFunda iLembe.

Uthe akangabazi nje nakancane ukuthi zombili lezi zinhlelo zizobonakala zenza umehluko omkhulu kungekudala nje.

Echaza ngokubaluleka kwalezi zinhlelo zombili uKhansela uShandu uthe zizoklama indima enkulu ekutakuleni abahlali abakuthola kunzima ukulungisa inkinga yabo yezikweletu.

“Kuyinto ejabulisayo kakhulu nebonakala ibalulekile ukubona kuba khona izinhlelo ezimqoka njengalezi. Into emqoka ngaphezulu kwazo zonke ukubona abahlali bethu besizakala kunoma yini eyinkinga abazithola bebhekene nayo,’’usho kanjena.