MAGAYE CELELoyo oyiMeya yoMkhandlu waKwaDukuza enyakatho yesiFundazwe seKwaZulu Natal uKhansela Lindile Nhaca uhambele amabhilidi angekho sesimweni esifanelekile nesigculisayo.

IMeya uKhansela uNhaca uthe sikhulu isidingo sokuba kubhekwe amabhilidi abonakala engagculisi nje nhlobo.

UMeya uNhaca ukhale kakhulu ngokuthi lawa mabhilidi iningi lawo selivele laphenduka umhhume wabaphangi lapho khona izigebengu ezicanasa khona.

Lokhu uthe yinto engamukelekile ngenxa yaleso sizathu wathi kumqoka kakhulu ukuthi nabo NjengoMkhandlu wakwaDukuza babonakale bekusukumela ukubhekwa kwalawa mabhilidi.

UMeya uNhaca ngesikhathi ebheka amabhilidi ubekade ehambisana nethimba leqophelo eliphezulu okuyilona ebelimbukisa lawa mabhilidi.

Lawa mabhilidi akhona ngaphakathi kwaDukuza. Lokhu abekwenza uMeya kwaba ngumyalelo omqoka ovela kwiNkantolo eNkulu yaseThekwini.

Le nkantolo yathi kunesidingo esikhulu sokuba abhekwe ngeso elibanzi nelijulile lawo mabhilidi akule ndawo angekho sesimweni esikahle.

Kunamanye mabhilidi alinganiselwa kwangu-11 angase ezithole ebhekene nengwadla uma kukhulunywa ngomthetho okuthiwa yiProblem Buildings.

Lona ngumthetho ongaphansi komthetho iProblem Building By laws ongeminye yemiqoka kakhulu uma kukhulunywa ngezakhiwo.

Ithimba ebelikade liholwa nguKhansela uNhaca ngelekomiti lezokuThuthukiswa koMnotho kanye nokuhlelwa kwezakhiwo.

Izakhiwo ezibhekwe kakhulu zakulo Mkhandlu yilezo ezitholakala kuGorge Road khona ngaphakathi KwaDukuza.

Lezi zakhiwo kuningi ukukhala ngazo futhi sezihlonzwe njengezisetshenziswa kakhulu yizigebengu.

Kuvela nokuthi kuzona ngaphakathi kuneminye imisebenzi engalungile eyenziwa kuzona lezi zakhiwo.

UNhaca uthembisa ukuthi uzoqhubeka nakanjani nalolu hlelo lwakhe aseluqalile lokuhanjelwa kwamabhilidi angekho sesimweni esikahle.

“UMkhandlu wethu usuthathe igxathu lokuthi usukume ubhekane nje ngqo nenkinga yamabhilidi angekho sesimweni esifanelekile. Sizokwenza konke okusemandleni ukuqeda ngalawa mabhilidi.”

Eminyakeni eyedlule UMkhandlu waKwaDukuza ubukade ugunyaza umthetho omqoka wokuthi abanikazi bamabhilidi banakekele izakhiwo zabo.