MAGAYE CELE

IKZN Namuhla ibungaze ukuhlanganisa iminyaka engu-25 yasungulwa ngendumezulu yomcimbi wokuhlonipha amaciko aseNingzimu Afrika.

Le ndumezulu yomcimbi kuhlalukile ukuthi bese kungunyaka wesibili iba khona njengoba uqale ukuthi ube khona ngonyaka owedlule.

Umcimbi ubukade useBat Centre, eThekwini. Loyo onguMhleli futhi ongumsunguli weKZN Namuhla, uNksz Sheila Mhlongo uthe inhlosongqangi yalo mcimbi ukunikeza amaciko asafufusa ithuba lokuba azibonakalise ngokuthi aqhudelane.

Amaciko adle umhlanganiso lapha avela eminxeni eyehlukene kuyona okubalwa Best Poerty, Fashion Designer, Afro Pop, Gospel, Hip Hop kanye noMaskandi.

Ngenhloso yokukhetha abawinile kusetshenziswe uhlelo lokuvota ngokuthumela amaSMS oluqale ngoMeyi.

Kuhlalukile lapha ukuthi lo mncintiswano usuke uhlose ukugqamisa amaciko asafufusa.

Kulo nyaka lo mncintiswano ubukade uhanjelwe nangamaciko abekade evela nangaphandle kwesiFundazwe saKwaZulu Natal.

Phakathi kweziFundazwe ebezikade zimelelekile lapha kubalwa i-Eastern Cape kanye neGauteng.

Lo mcimbi omkhulu ubukade uzinyaziswe ukuba khona kwabantu abaziwayo kakhulu.

Phakathi kwabo kubalwa laba abalandelayo uMnuz uLinda Mbonambi oyiNhloko yoPhiko lwe-Area Based Management ngaphakathi kuMkhandlu weTheku okunguyena owamukele izihambeli kulo mcimbi,uNksz S. Pupuma oyiNhloko eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha kanye nezeMvelo KwaZulu Natal obekade emele uNgqongqoshe uMnuz Siboniso Duma. Uphinde wethula inkululumo enohlonze abehlose ngayo ukukhuthaza amaciko.

Omunye obekhona nguDj Sobs onguNobhala wenhlangano, iCIFFSA ebhekelele amaciko eNingizimu Afrika yonkana. USobs uncome lo mcimbi wawuchaza njengobalulekile kakhulu.

Abanye ebebekhona iNdlovukazi uMapule Mchunu okunguyena ovule ngomthandazo.

Amaciko aphinde athola nethuba lokuba asine adedelane aveze amakhono awo. Ngaphansi komunxa wabaphila nokukhubazeka phecelezi Disabled People on the Move) kunqobe intombazanyane u-Asanda Mbatha.

Iciko elibaqwaqwade bonke emakhanda kube nguSphesihle “Ibhunu Lepulazi” Mthembu ongumculi kaMaskandi. Owe-Afro pop yena unqobe imiklomelo emine eminxeni eyehlukene wathola nomklomelo wamavoti amaningi.