MAGAYE CELE

AMALUNGU e-African National Congress (ANC) KwaZulu Natal ahambele eMlazi, eningizimu yeTheku eyonxenxa abantu bakule ndawo ukuba baphume bayobhalisela ukuvota.

Kuzokhumbuleka phela ukuthi ukhetho lukazwelonke oselivele lungundabamlonyeni luzokuba ngonyaka ozayo.

Amalungu ale nhlangano abekade ephume ngobuningi bawo futhi abekade edlubhe imibala leli qembu evele yaziwa ngalo okungumbala omnyama kanye nosagolide. Agcwale phama eMlazi Cinema.

Bebekade beholwa yiloyo ngaphambilini owake waba nguMeya woMkhandlu weTheku, uMnuz James Nxumalo njengamanje onguSotswebhu oMkhulu waleli qembu esiFundazweni.

Usuku luqale ngokuthi kuphunywe kungenwe umuzi nomuzi ngenhloso yokunxenxa abantu baseMlazi ukuba bayobhalisela ukuvota ukuze bakwazi ukuvota ngonyaka ozayo.

Umphakathi wakule ndawo ube sewuthola nethuba eliyingqayizivele lokuthi ubheke ukuthi ngabe imbala akhona yini amagama awo ohlwini lwesikhungo esibhekelele ukuvota kwaseNingizimu Afrika esibizwa ngokuthi yi-Electoral Commission of Southern Africa (IEC).

Lapho abengena khona amalunga e-ANC abefike akhumbuze abantu ngokubaluleka kokuthi abavote. Uma sebehamba bebenza isiqiniseko esikhulu sokuthi bashiya negilosa yokudla.

UMnuz uNxumalo uchaze lo msebenzi njengobukade umqoka kakhulu ukuba bagcine bewenzile endaweni yaseMlazi namaphethelo.

UNxumalo ube esekushayela elikhulu ihlombe leli nokubona abaholi abadala benhlangano nabo bezimbandakanya nomkhankaso wokukhumbuza abantu ngokubaluleka kokuthi baphume bayovota ngonyaka ozayo.

Echaza kabanzi ngalokhu uMnuz uNxumalo uthe: “Kuyinto esiyincomayo ukubona nabaholi abadala benhlangano nabo beba mdibimunye nalo mkhankaso omqoka kangaka esiwenzayo sonke ngokukhulu ukubambisana lokhu.’’

UNxumalo uthe intokomalo abayitholayo ikuveza ngokusobala ukuthi abantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal basazifela nge-ANC.

Ngaphandle komkhankaso wokukhuthaza ukuvota le nhlangano ibuye yahambela naleyo mindeni enezingane ezincane zodwa.

Inhlosongqangi yalokhu bekukubheka ukuthi leyo mindeni ingakuthola kanjani ukusizakala okuvela kuyona le nhlangano.

UNxumalo esephetha ugcizelele ukuthi le nhlangano umkhankaso wayo uzobonakala ukapakela kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal.