IMeya yaKwaDukuza uKhansela Lindile Nhaca ithi isezinhlelweni zokuthi kuguqulwe igama lenkundla yezemidlalo iLindelani Sports Field.
Lokhu iMeya ithi izokwenza ngenhloso yokuhlonipha umdlali nomqeqeshi bebhola abadutshulwa babulawa esigamekweni esenzeka eminyakeni emibili eyedlule.
Kulesi sigameko kwadutshulwa kwabulawa umqeqeshi webhola uNjabulo Cele owayeneminyaka engu-24 yobudala ngesikhathi sesigameko.
Kwabulawa nomdlali webhola uFrance Kuhuni owayeneminyaka engu-16 ngaleso sikhathi.
Lesi sigameko esashiya abantu abaningi bemangele senzeka ngomhlaka-10 ku-August ngo-2020.
“Kumqoka kakhulu ukuthi kube khona indlela laba bantu abahlonishwa ngayo. Ukuqamba kwenkundla ngamagama abo kungaba umbono omuhle kakhulu.,” kuchaza iMeya yaKwaDukuza.
IMeya ithe kwaba buhlungu kakhulu okwenzeka ngalolu suku. Ithe ngenhloso yokubakhumbula kanye nokubahlonipha kumele nakanjani kuqanjwe ngabo le nkundla yezemidlalo.
UKhansela uNhaca uveze ukuthi uzoba nezingxoxo ezijulile nabomkhandlu ukubona ukuthi lokhu kuyenzeka yini.
Uthe kodwa kumele nakanjani kugcine kwenzekile ngoba kubonakala kuyinto emqoka kakhulu.
IMeya iveze ukuthi le nkundla izokwaziwa ngegama elisha iNjabulo France Sporting Stadium.
Iqhuba iMeya ithe kuzophinde kube nomqhudelwano ozoqanjwa ngokuthi yiNjabulo France Tournament.
IMeya iphinde yahambela yomibili imindeni yalaba ababulawa ngesihluku.
Uveze nokuthi ngenhloso yokulwa nobugebengu obudla lubi kule ndawo bahlela ukuthi babe neCrime Imbizo.
Uthe inhloso enkulu yale mbizo kuzokuba kungukulwa nobugebengu kule ndawo.
IMeya yaKwaDukuza ihlongoza ukuguqula igama lenkundla ukuhlonipha abashona
Related Posts
IMEYA INIKELE NGENKOMO UKUQINISA UBUDLELWANE NABAHOLI BENDABUKO
Intatheli yeSivubela Intuthuko Njengengxenye yeNyanga yamaGugu, iMeya yaKwaDukuza, uKhansela Lindile Nhaca, uhambise inkomo emphakathini waKwaNodunga kuWard 27 njengesibonakaliso sokubonga Inkosi Nkanyiso Zulu. Lesi senzo sihambisana nemizamo eqhubekayo kahulumeni yokuqinisa ubudlelwano…
Bamagange abazokhangisa kwiDurban Fasion Fair
MAGAYE CELE BAMAGANGE abasiki bengqephu baseThekwini abazokuba yingxenye embukisweni wengqephu ozobe udida unwabu. Lo mbukiso obakhona minyaka yonke uzoqala ngoLwesithathu uze uphothulwe ngoLwesihlanu ntambama. Kulindeleke ukuthi ubanjelwe eThe Station edolobheni…