Isithombe: Abasebenzi abangaphansi koMasipala iLembe bathole ukuchushiswa ngezezimali. Isithombe sithunyelwe.

Intatheli yeSivubela Intuthuko

Umkhandlu weSifunda iLembe wenze okungajwayelekile ngokubeka phambili inhlalakahle yabasebenzi, njengoba ububambe uhlelo lokuqwashiswa ngezezimali ukuze abasenenzi babe nolwazi lwezizimali kanye nokunciphisa ingcindezi ebangelwa izikweletu.

Lolu hlelo, olubanjwe ngaphantsi kwesiqubulo esithi Prioritizing Employee Wellness through Financial Literacy, lugxile ekutheni abasebenzi baqonde kangcono ukuphathwa kwezimali zabo futhi bazilungiselele ikusasa elizinzile.

Abahleli balulo hlelo bagcizelele ukuthi abasebenzi abanempilo enhle ngokwengqondo nangokwezimali bavame ukusebenzisa kangcono, okwenza ukuthi kube nomphumela omuhle wokusebenza.

Kuvezwe ukuthi ukuguquka kwezinqubomgomo ezithinta ukukhokhelwa kwemali yamaholide angathathwanga kanye nokwanda kwabantu abafaka izicelo zokucaphuma imali ngaphansi kohlelo lwe-Two-Pot retirement, kudale isidingo esiphuthumayo sokuthi abasebenzi bathole ulwazi olunzulu ngezezimali.

Abaholi bomkhandlu iLembe baphinde bagcizelela ukuthi ingcidezi yezimali ayigcini emakhaya kuphela iyathinta nendawo yokusebenza, iphinde ibe nomthelela empilweni yabantu, ekuzinikeleni emsebenzini kanye nasekukhuleni komsebenzi wesikhathi eside.

Kulolu hlelo, ochwepheshe abavela emikhakheni ehlukene yezezimali babelane ngolwazi olubalulekile. Izinkampani iPioneer Debt Solutions kanye neBK Credit Solutions zenikeze izeluleko mayelana nokuphathwa kwezikweletu nokuthi abasebenzi bangaphuma kanjani esimweni sokucindezeleka okubangelwa yizikweletu.

Izikhungo zezezimali iSanlam, iLiberty kanye neOld Mutual zikhulume ngezindlela zokwakha ingcebo nokutshala imali ngendlela ezosoza abasebenzi ukuthi bakhe ikusasa elizonzile kubo nasemindenini yabo.

Amabhange iFNB kanye neNedbank namo abambe iqhaza ngokunikeza izeluleko mayelana nokuphathwa kwemali ngendlela efanele, ukusebenzisa amasevisi asebhange ngokuhlakanipha kanye nokugwema izikweletu ezingadingeki.

Umkhandlu uthe lolu hlelo luhlose ukushintsha indlela abasebenzi ababheka ngayo izimali zabo, kusuka esimweni sokucindezeleka esidalwa izikweletu kuye esimweni sokuzinza kwezimali. Abasebenzi nababekhona balamukele kahle lolu hlelo, bethi lube wusizo olukhuli kubo njengoba bethole ulwazi oluzobasiza ekutheni izinqumo eziphusile ngezimali zabo.