Intatheli yeSivubela Intuthuko
IMeya yaKwaDukuza, uKhansela S’duduzo Gumede, yamukele ukutshalwa kwezimali okusha kanye nezinhlelo zokunwetshwa okumenyezelwe eNgqungqutheleni Yokutshalwa Kwezimali KwaZulu-Natal lapho iKwaDukuza ithole ingxenye ka-R26.5 billion okusho ukuthi u-26.47% wesamba sika-R100.1 billion esithenjisiwe esifundazweni.
Lezi zimali zimenyezelwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal zingama-23 kuMfumfu wezi-2025, eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini. Amanye amaprojkthi azothola imali kubalwa iZimbali lakes = R1,2 billion, I Digititan Holdings R1,7 billion (Utshalomali olusha), I Club Med R500 million, indawo yokuhlala ka-Collins u-R11,6 wezigidigidi, i-Alleyroads Holdings u-R1,5 wezigidigidi kanye neNew Salt Rock City R10 billion.
UMeya Gumede uzwakalise ukuzethemba, wathi ukutshalwa kwezimali kuzoholela ekukhuleni komnotho nokudala amathuba omsebenzi.”Lesi simemezelo sigcizelela isimo sethu njengenye yezindawo eziheha kakhulu ukutshalwa kwezimali esifundazweni saKwaZulu-Natali. Sisamile ekukhuleni kwethu olwazini lokuthi umnotho wethu uyaqhubeka nokuthuthuka yize kunezinselelo zomhlaba wonke. Ngakho-ke, lezi zibopho zizothuthukisa amathuba emisebenzi ehloniphekile futhi zisize ukukhulisa umnotho wethu. indawo yokutshalwa kwezimali kodwa ingelinye lamadolobha asezingeni eliphezulu ngokwezomnotho nakhula ngokushesha kakhulu ezweni njengoba kunemiklamo eyisithupha kuphela kwezingama-34 esifundazweni sonke, siguqula isimo sibheke emgudwini omkhulu embonweni wethu wokwakha impilo yomnotho esimeme yabo bonke,” kusho uGumede
