Intatheli yeSivubela Intuthuko
Kuvunguza umoya wenjabulo emiphakathini ehlukene ngaphansi kukaMasipala weTheku, njengoba kuqhubeka uhlelo lokunikezelwa kwezindlu ezisezingeni ezihlose ukubuyisa isithunzi emindenini ehlwempu.
EThornwood, kuWadi 14, uMasipala unikezele ngemizi emisha engu-16 kwabahlomulile ngaphansi kohlelo lweR293 Housing Project, elungisa futhi ithuthukise izindlu ezindala ezazakhiwe ngaphambi kuka-1994. Ukunikezelwa kwezindlu kwenziwe uSihlalo weKomidi lezeZindlu, Ubunjiniyela kanye NezokuThutha uKhansela Themba Mvubu, ephelezelwa iPhini likaSihlalo uKhansela Sifiso Mkhize kanye neKhansela leWadi uMthokozisi Gasa.
Injabulo ibe nkulu ikakhulukazi emndenini wakwaNgcobo. Amalungu alo mndeni aveze ukubonga okukhulu, echaza ukuthi le ndlu entsha izoguqula impilo yawo emva kweminyaka yokuhlala ezimeni ezinzima neziminyene.
UMnuz Andile Ngcobo (32), uthe lo mzuzu uyisibusiso esikhulu emndenini wakhe, owake wahlala abantu abayisishiyagalolunye egumbini elilodwa ngenxa yokuntuleka kwendawo efanele yokuhlala.
UMasipala uphinde wakunikezela ngezindlu kuWadi 103, lapho eminye imindeni nayo ithole khona izindlu ezintsha njengengxenye yezinhlelo eziqhubekayo zokuthuthukisa izindawo zasemakhaya ngaphansi koMasipala waseThekwini.
Lolu hlelo luqhubekisele phambili umgomo kaMasipala wokuletha izindlu eziphephile nezisezingeni kubahlali abebebhekene nezimo ezinzima zokuhlala iminyaka eminingi.
Abaholi bakaMasipala bathe lezi zinhlelo zombili ziwubufakazi bokuzibophezela kukahulumeni wasekhaya ekuthuthukiseni izimo zokuphila kwabantu, ikakhulukazi emiphakathini esasilele emuva.
UMasipala uqhubeka nokugcizelela ukuthi ukuhanjiswa kwezindlu kuzohambisana nokwakhiwa kwemiphakathi eqinile, enokuphepha kanye nezimo zokuphila ezihloniphekile, njengoba kuqhubeka izinhlelo zokuthuthukisa izindawo ezahlukene ngaphansi kwawo.
