Intatheli yeSivubela Intuthuko

SEYIYAQALA ukushintsha impilo emakhaya aseShakaville, KwaDukuza, njengoba uhlelo lukahulumeni i-One Home, One Garden selusiza imindeni ukuthi izenzele ukudla, inciphise izindleko futhi yakhe amathuba okuziphilisa.

Lolu hlelo oluqhutshwa yi-Enterprise iLembe luhlose ukuthi imindeni itshale imifino emakhaya, ukuze inganciki ngokuphelele ekuthengeni ukudla ezitolo.

Usihlalo webhodi le-Enterprise iLembe, uMnuz Nkosenhle Mngadi, kanye nesikhulu esiphezulu, uMnuz Siyabonga Mazibuko, bavakashele amakhaya aseShakaville lapho lolu hlelo seluqalisiwe khona, beyobonana nabahlomuli nokuzibonela ngamehlo umthelela walo emphakathini.

Lolu hlelo alugcini ngokukhuthaza abantu ukuthi balime, kodwa luhlose nokulwa nendlala nokuntuleka kokudla okunomsoco, ikakhulukazi emakhaya athwele kanzima ngenxa yezindleko zokuphila.

Imindeni ekwazi ukuzikhiqizela imifino enjengesipinashi, iklabishi, u-anyanisi nezinye izitshalo inganciphisa imali esetshenziswa ekuthengeni ukudla. Okusalayo ngemuva kokusetshenziswa ekhaya kungadayiswa, ngaleyo ndlela imindeni ithole enye imali.

I-Enterprise iLembe isekele lolu hlelo ngokuhlinzeka ngezithombo zemifino kubalimi bendawo nasemakhaya ahlomulayo, okwenza kube lula ukuthi abantu baqale izingadi zabo futhi bazikhulise ngokuhamba kwesikhathi.

UMazibuko unxuse abahlomuli ukuthi bangazilahli izingadi zabo, wathi impumelelo yalolu hlelo incike ekuzinikeleni kwabantu abazitholile izinsiza.

Uthe yonke imbewu etshalwayo namuhla iyisivumelwano sekusasa elinempilo, elinokudla okwanele namathuba angcono okuziphilisa.

UMngadi uncome umphakathi waseShakaville ngokwamukela lolu hlelo nangokwenza umzamo wokulwenza lube yimpumelelo.

Uthe izingadi zasekhaya zingaba yisikhali esibalulekile ekulweni nendlala, ikakhulukazi uma imindeni isebenzisa umhlaba enawo ukukhiqiza ukudla.

I-Enterprise iLembe ithe izoqhubeka nokusebenzisa izinhlelo ezihlose ukuhlomisa imiphakathi, ukukhuthaza ukuzimela, ukwakha amathuba okuziphilisa kanye nokufaka isandla ekuthuthukisweni komnotho wendawo.