Intatheli yeSivubela Intuthuko
Sekuyantwela ezansi mayelana nesakhiwo soMnyango Wezasekhaya, njengoba uSekela-Ngqongqoshe weMisebenzi Yomphakathi neNgqalasizinda uMnuz Sihle Zikalala evakashele le ndawo, ukwenza isiqiniseko sokuthi umsebenzi uyaqhubeka.
UZikalala, ehambisana neMeya yaKwaDukuza uKhansela Siduduzo Gumede, ubehola inqubo yokwamukelwa kombiko onemininingwane yezobuchwepheshe ngesakhiwo esisha soMnyango Wezasekhaya ebesimisiwe ngenxa yezinkinga ezidalwe usonkontileka wangaphambilini.
Lo msebenzi, osubambezeleke isikhathi eside, usumile cishe ku-60% wokuphothulwa, kodwa ukwehluleka kukasonkontileka ngenxa yezinkinga zokuhamba kwemali kanye nokungaphathwa kahle kwenkontileka kwenze ukuthi umsebenzi ume.
UZikalala umemezele ukuthi umsebenzi usuzophinde uqalwe ngaphansi kwe-Independent Development Trust (IDT), okuyisikhungo sikahulumeni esingaphansi koMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi nengqalasizinda, esizowuqhuba egameni loMnyango Wezasekhaya.
Ukuvakasha kukaZikalala mhla zi-5 kuNcwaba 2026 kubonakale kuyisiqalo sesigaba esisha, njengoba i-IDT izoqala ngokwenza ucwaningo olunzulu lobuchwepheshe, ihlole isimo somsebenzi osewenziwe, iqinisekise uxhaso kanye nazo zonke izimvume ezidingekayo ngaphambi kokuthi kukhethwe usonkontileka omusha bese kuqaliswa umsebenzi.
UMeya Gumede uthe ukunikwa kwe-IDT kwesakhiwo kuwuphawu lokuthi ukubambisana phakathi kukahulumeni kuyasebenza, ikakhulukazi ngaphansi kweDistrict Development Model.
“Lesi yisinyathelo esifike ngesikhathi futhi siyajabula ukuthi lo msebenzi usuphinde wavuka. Sekube nokubambezeleka isikhathi eside, kodwa siyayethemba i-IDT ukuthi izowuqhubekisela phambili umsebenzi egameni loMnyango Wezasekhaya,” kusho uGumede.
Uthe umbiko wezobuchwepheshe owamukelwe ukhombisa amandla okubambisana phakathi kwezinhlaka zikahulumeni ekutheni amaphrojekthi abalulekile aphothulwe.
UGumede uphinde wancoma uZikalala ngokuzibophezela ekubhekeni lolu daba ngokwezepolitiki, ikakhulukazi ekuqinisekiseni ukuthi usonkontileka omusha utholakala ngaphandle kokuphinde kudaleke izinkinga ezibambezele umsebenzi.
Uthe lokhu kubalulekile ukuze abantu baKwaDukuza bathole izinsiza zoMnyango Wezasekhaya endaweni ehloniphekile, ephephile nenesimanje.
Ukuvakashela kukaZikalala le ndawo kube yingxenye ye-Operation Siyahlola, uhlelo lukahulumeni oluhlose ukubhekana nezinselelo ezithinta ukufinyeleleka kwezinsiza zomphakathi, ukwakhiwa kwemiphakathi ephephile kanye nokwenza ngcono ukuhlinzekwa kwezidingo.
