Nokulunga Nxumalo 

UKUBA nesitudiyo sesimanje akusho ukuthi isiteshi somsakazo sesiphumelele, ngokusho kweChief Executive Officer yeMedia Development and Diversity Agency (MDDA), uNksz Shoeshoe Qhu, onxuse iziteshi zomiphakathi ukuthi ziqinise ukuphathwa kwazo, zifune izindlela ezintsha zokwenza imali futhi zisondele kubantu ezibasebenzelayo.

UNksz Qhu ubekhuluma ngesikhathi iICORA FM igubha ukuvulwa kwesitudiyo sayo esisha sesimanje esithuthukiswe ngemali yeMDDA, emcimbini obusesifundazweni iKwaZulu-Natali.

Lesi situdiyo sedijithali kulindeleke ukuthi sithuthukise indlela lesi siteshi esikhiqiza futhi sisakaze ngayo izinhlelo, siphinde sinike abasakazi, abakhiqizi kanye namavolontiya indawo yokusebenza esezingeni eliphezulu. Uhulumeni uthe lesi sikhungo sizosiza iICORA FM ukuthi iqhubeke nokunikeza umphakathi izindaba, ulwazi, ezemfundo nokuzijabulisa, siphinde sibe yindawo yokuthi izakhamuzi ziveze imibono yazo.

Kodwa uQhu ugcizelele ukuthi ubuchwepheshe bubodwa ngeke busenze isiteshi siphile isikhathi eside. Uthe iziteshi zemiphakathi kumele zibe nezinhlelo eziqinile zokuphatha, ziqhamuke nezindlela ezintsha zokwenza imali futhi ziqinisekise ukuthi zihlala zixhumene nemiphakathi yazo.

Lokhu kuza ngesikhathi iMDDA isiqwashisa kakhulu ngezinkinga ezibhekene neziteshi zemiphakathi. Ucwaningo lwayo lokusimama komkhakha lwathola ukuthi izindleko, ukuntuleka kwamakhono, amathuba ambalwa okukhangisa kanye nengqalasizinda enganele kusalokhu kuyizithiyo ezinkulu. Ucwaningo lwaphinde lwaveza ukuthi amaphesenti ambalwa kuphela ezikhungo ezahlolwa azibona zizinzile ngokwezimali.

Ngaphansi kohlelo lwayo lokusimamisa imithombo yezindaba yemiphakathi, iMDDA igcizelela ukubaluleka kokuphathwa ngendlela efanele, ukwakhiwa kwamakhono, ukusetshenziswa kobuchwepheshe kanye nokutholakala kwemithombo yemali ehlukahlukene. Le nhlangano iphinde yathi iziteshi zemiphakathi zibalulekile ekunikezeni abantu izwi nasekuqinisekiseni ukuthi izindaba zomphakathi zifinyelela kubantu ngolimi abaluqondayo.

IICORA FM, esebenzela imiphakathi yase-Empangeni nezindawo eziyizungezile, manje isithole ingqalasizinda entsha ezokwenza ikwazi ukuthuthukisa ikhwalithi yezinhlelo zayo nokwandisa ukubamba iqhaza komphakathi.