Intatheli yeSivubela Intuthuko
UKUHLONIPHA amaqhawe omzabalazo nokusebenzisa izifundo zomlando ukwakha ikusasa kube yindikimba enkulu ngesikhathi iLembe lethula uhlelo lweMilestones of Freedom Engagement Programme eGroutville.
Lo mcimbi uhlanganise uSekela-Ngqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uMnuz Itiseng Kenneth Morolong, umndeni weSikhulu u-Albert Luthuli, ubuholi bukaMasipala weSifunda iLembe kanye namalungu omphakathi nentsha.
Umcimbi uqale ngokubekwa kwezimbali eGroutville UCCSA kuhlonishwa Inkosi Albert Luthuli, iqhawe lomzabalazo elaba ngowokuqala wase-Afrika ukuthola iNobela Peace Prize. Lo mcimbi ube yisikhumbuzo sokuthi umlando akumele ugcinwe ezincwadini kuphela, kodwa kufanele usetshenziselwe ukwakha ikusasa elingcono.
Uhlelo lweMilestones of Freedom, olwasungulwa nguMengameli uCyril Ramaphosa ngoNhlangulana 2026 ngaphansi kwesiqubulo esithi “Honouring the Past. Delivering the Future”, lugxile ezikhumbuzweni ezine ezibalulekile kulo nyaka. Kukhunjulwa iminyaka engu-30 yoMthethosisekelo, engu-50 yokuVukela kwentsha yango-1976, engu-70 yoMashi Wabesifazane yango-1956 kanye nengu-60 yokususwa ngenkani kwabantu baseDistrict Six.
UMeya weSifunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, uthe ukuhlonipha umlando kumele kuhambisane nokwenza ngcono izimpilo zabantu.
“Ukuhlonipha okwedlule akusona isenzo sokukhumbula kuphela; ukuzibophezela ekusheshiseni ukuhlinzekwa kwezidingo nasekuthuthukiseni izimpilo zemiphakathi yethu,” kusho uShandu.
E-uMfolozi TVET College, eChief Albert Luthuli Campus, uMeya waKwaDukuza, uKhansela Siduduzo Gumede, ukhumbule u-Anton Lembede, owashona ngo-1947 eneminyaka engu-33, wathi imibono yakhe yobuzwe base-Afrika yaba nomthelela kubaholi abafana noNelson Mandela, Oliver Tambo noWalter Sisulu.
“ULembede akazange aphile aze abone izithelo zenhlangano asiza ukuyakha. Kodwa ifa lakhe lisaphila kuyo yonke intsha ekhetha ukusukuma, ihleleke futhi ikholelwe ukuthi inendima ekubumbeni ikusasa laleli zwe,” kusho uGumede.
Uthe umasipala uzoqhubeka nokusebenzisana nohulumeni wesifundazwe nowezwe ukuze amathuba nezinhlelo zifinyelele kuyo yonke imizi.
“Lo mcimbi awukhona nje ukukhumbula okwedlule; uyisimemo sokuthi niqonde indima yenu entandweni yeningi, nibambe iqhaza ngokugcwele futhi nisize ukuletha ikusasa lezi zikhumbuzo ezalwelwa lona,” kusho uGumede.
