Isithombe Bagcwele umgwaqo bekhala ngabokufika abangekho emthethweni. Isithombe sithunyelwe.
Intatheli yeSivubela Intuthuko
Inhlangano yomphakathi iMarch and March ighumbe unyaka owodwa yasungulwa ngokuhola imashi enkulu eThekwini ngoLwesithathu, mhla zingama-25 kaNdasa 2026, lapho amakhulu abalandeli ethukelele emigwaqweni efuna ukuqiniswa kwemingcele yezwe, ukuboshwa kanye nokudingiswa kwabokufika abanganazo izimvume zokuba kuleli.
Abamashi bahlangene eKing Dinuzulu Park ngaphambi kokuhamba bebheke enkabeni yedolobha laseThekwini, lapho bagcine behambisa khona incwadi yezikhalo kubaphathi bezomthetho. Lemashi ibihanjelwe amalungu ezinhlangano zezombusazwe okubalwe i-IFP, ActionSA, ANC ne-ATM, kanye nabalandeli beOperation Dudula, kanti nabanye abaseka lo msebenzi abasuka nakwezinye izifundazwe bezokweseka umkhankaso.
Nakuba kube nezikhathi zokungezwani endleleni, abahleli bemashi begcizelele ukuthi inhloso yabo ukuqinisekisa ukuthi izidingo zezakhamuzi zaseNingizimu Afrika zibekwa phambili. Umsunguli wenhlangano, iNkk Jacinta Ngobese -Zuma, uthe sekuyisikhathi sokuthi uhulumeni aqinise imithetho yezokufika ukuze kuvikelwe izakhamizi zakuleli.
Uthe inhlangano ikhathazekile ngokwanda kwabokufika abangekho emthethweni, wengeza ngokuthi uma uhulumeni ungasheshi ukuthatha izinyathelo, inkinga yokungena kwabantu ngokungemthetho izokhula kakhulu. Uphinde waveza ukuthi kusukela ngoJulayi odlule, inhlangano iqale umkhankaso wokukhankasela ukubekwa phambili kwezakhamuzi zaseNingizimu Afrika ezikhungweni zikahulumeni, ikakhulukazi ezempilo, okuyinto athe isiqalile ukuveza izingqinamba ezikhona kanye nokuntuleka kwezinyathelo ezivela kubaholi bezwe.
UMongameli we-ActionSA, uHerman Mashaba, naye ube yingxenye yomashi, ezwakalisa ukweseka kwakhe inhlangano. Uthe inhlangano iMarch and March imele izakhamuzi ezifuna ukuvikelwa kwamathuba omnotho kanye nokuhlonishwa kwemithetho yezwe. Uthe abokufika abangekho emthethweni bathikameza umnotho ngokudayisa izimpahla zomgunyathi nokwephula imithetho kaMasipala, wengeza ngokuthi sekuyisikhathi sokuthu kuthathwe izinyathelo eziqinile.
Lemashi ilandela eminye imikhankaso yenhlangano, okubhalwe nowase-Addington Primary School eThekwini ekuqaleni konyaka, lapho amalungu eMarch and March asiza khona izingane zaseNingizimu Afrika ezingekatholi izikhala zokufunda. Ngaleso sikhathi, inhlangano yahlanganyela nabazali ukuqinisekisa ukuthi izingane zithole amathuba okufunda, kwaze kwaba khona izingane ezafakwa ezikoleni ngemuva kokungenelela kwabo.
Ngesikhathi kuqhubeka leyo mikhankaso, kube khona nokuboshwa kwabokufika abangekho emthethweni ezindaweni ezahlukene, okwaholela ekutheni abanye babo badingiswe ezweni, okuyinto inhlangano eyithi iyingxenye yomzamo wokubuyisela amathuba kubantu bendawo.
Ngemuva kwemashi, incwadi yezikhalo ihanjiswe kubaphathi bezomthetho, kanti inhlangano iMarch and March ithe izoqhubeka nemikhankaso yayo kuze kube uhulumeni uthatha izinyathelo eziqinile zokubopha nokudingisa abokufika abangekho emthethweni kanye nokuqinisa ukuvikelwa kwemingcele yezwe.
