Isithombe: Ababambiqhaza besho ngazwi linye ukuthi akuphele ukuhlukunyezwa kwabangenamandla. Izithombe zithunyelwe. 

Intatheli yeSivubela Intuthuko.

Njengoba izibalo zakamuva zikhombisa ukukhula okukhathazayo kodlame lobulili eNingizimu Afrika, uMasipala waseThekwini uthathe inyathelo ngokubambisana nenhlangano iMzansi Act Now ukuhlela uhambo lokuqwashisa olungamakhilomitha amane, oluhlose ukunikeza amandla okuqwashisa nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.

Loluhambo lokuqwashisa luhlelwe iKomidi Lezinsiza Zomphakathi loMasipala waseThekwini kanti beluhlanganise abafundi besifazane abangu-50 abavela eNyuvesi iDurban Univesity of Technology, ngenhloso yokwakha ukuqwashisa nokukhuthaza ukwesekana phakathi kwentsha.

Lolu hlelo alugcini nje ngokugqugquzela impilo yomzimba kuphela, kodwa futhi lugxile ekwelapheni nasekuphileni kwengqondo njengengxenye ebalulekile yezixazululo zesikhathi eside zokulwa nodlame olusekelwe ebulilini.

USihlalo weKomidi Lezinsiza Zomphakathi, uKhansela Zama Sokhabase, uthe lobu budlelwano buyisinyathelo esibalulekile ekuqiniseni imizamo yokulwa ne-GBVFA.

“Siyajabula ukubambisana neMzansi Act Now kanye nabanye ababambiqhaza ekuletheni izinhlelo zokuthuthukisa intsha lapho ababambiqhaza bengakhula khona, besekane futhi bafunde ndawonye,” kusho uKhansela Sokhabase.

Uhambo lwamakhilomitha amane lube ukuqala kokubambisana kwanyanga zonke kulo nyaka, kanti uMasipala uhlela ukwandisa lolu hlelo ukuze lufinyelele kwamanye amanyuvesi kanye nokubandakanya abafundi besilisa nabesifazane.

IMzansi Act Now, inhlangano eyasungulwa amadoda aseNingizimu Afrika ahlangene ukulwa ne-GBVFA, ukukhuthaza ukuthuthukiswa kwentsha nabesifazane, kanye nokugqugquzela impilo yamadoda. Lenhlangano ithe ikuthokozele ukubambisana noMasipala ekushumayeleni ivangeli lokulwa nalesihlava.

Le nhlangano igcizelele ukuthi akekho umuntu, kungakhathaleki ubulili, okufanele abhekane nodlame, futhi ubumbano phakathi komphakathi luyisihluthulelo sokuqeda udlame olusekelwe ebulilini.

Uhambo lokuqwashisa liyingxenye yemizamo eqhubekayo kaMasipala waseThekwini yokwakha imiphakathi ephephile, ukunika amandla intsha, kanye nokuletha ushintsho oluqondakalayo ekulweni nodlame olusekelwe ebulilini.