Intatheli yeSivubela Intuthuko
Indawo yaseMandeni iyaqhubeka nokuheha izivakashi ngemicimbi yezokuvakasha nezokungcebeleka, njengoba amakhulukhulu abantu begcwale eTugela Mouth ekuqaleni kwenyanga beze emicimbini emibili emikhulu obekuhlanganisa abathandi bezithuthuthu nabadobi.
Ngaphezu kokuba le micimbi inikeze abantu ithuba lokuzijabulisa nokuphumula, iphinde yavulela amabhizinisi endawo amathuba okwenza imali, ngesikhathi izindawo zokulala, izindawo zokudlela nabathengisi bendawo bejabulela ukwanda kwezivakashi.
Okugqame kakhulu kube yi-Dragon Rally yaminyaka yonke, ebiyingqungquthela yamagibeli bezithuthuthu esineminyaka engu-27 yenzeka, ebihlanganise abagibeli bezithuthuthu abangaphezu kuka-300 abavela ezingxenyeni ezahlukene zaseNingizimu Afrika.
Lo mcimbi ubuseTugela Mouth Resort kusukela mhla zingama-30 kuNtulikazi kuya kumhla zi-2 kuNcwaba 2026, kanti abawuhambele bathole ithuba lokuzijabulisa ngomculo bukhoma, ukudla, imidlalo, imibukiso kanye nokuxhumana nabanye abathandi bezithuthuthu.
Ukufika kwabantu abavela kwezinye izifundazwe kukhombise ukuthi iMandeni ayiseyona nje indawo edlulelwa kuyo, kodwa iya ngokuya iba yindawo abantu abakhetha ukuya kuyo ngenhloso yokuzijabulisa nokuvakasha.
Ngesikhathi izinjini zezithuthuthu bezibhonga eTugela Mouth, abathandi bokudoba nabo bebebhekene nolwandle olunomoya omkhulu emqhudelwaneni waminyaka yonke i-Addicted Anglers Fishing Competition.
Lo mqhudelwano ububanjelwe eTugela North Bank Main Car Park, waheha abadobi abavela ezindaweni ezahlukene zaKwaZulu-Natali.
Naphezu kwesimo sezulu esinzima nemimoya enamandla yasogwini, abadobi baphume ngobuningi bezimisele ukuncintisana futhi bazibekele inselelo yokudoba ngaphansi kwezimo ezingelula.
Abaphumelele bebethole ithuba lokuncintisana ngemiklomelo ebibiza imali efinyelela ku-R25 000, okwenze lo mqhudelwano waba ngenye yezinto ezikhanga abathandi bokudoba kule ndawo.
Lo mcimbi uphinde waqhakambisa iTugela Mouth njengendawo ekahle yokudoba, njengoba uMfula iTugela uhlangana nolwandle, kwakheke indawo eheha abadobi nabathandi bemisebenzi yangaphandle unyaka wonke.
Impumelelo yale micimbi emibili ikhombisa ukuthi iMandeni inamandla amakhulu emkhakheni wezokuvakasha, ikakhulukazi kwezokuvakasha ezihambisana nemidlalo, ukuzijabulisa nemisebenzi yangaphandle.
