Nokulunga Nxumalo

UNdunankulu waKwaZulu-Natali uMnuz Thamsanqa Ntuli usexwayise abaholi besifundazwe ngokuthi ukukhuluma ngobumbano lwabantu akwanele, kumele kubonakale nangezenzo, ikakhulukazi emicimbini kahulumeni lapho zonke izinhlanga nemiphakathi kufanele izizwe yamukelekile.

UNtuli ubekhuluma emhlanganweni woMkhandlu Wesifundazwe Wokubumbana Komphakathi Nokuvuselelwa Kwezimiso Zokuziphatha obuse-Archie Gumede Conference Centre, eMayville, eThekwini, ngoLwesibili mhla ziyi-11 kuNcwaba 2026.

UNtuli ugxeke ukungabibikho kweminyango kahulumeni ebalulekile emhlanganweni, wathi ukungakwazi kwaleyo minyango ukubika ngomsebenzi eyenzayo ekukhuthazeni ukubumbana komphakathi kwehlisa isithunzi somsebenzi woMkhandlu.

Uthe uhulumeni kumele usuke ekuchitheni isikhathi uhlela izinto ezingagcini ngokubonakala phansi, uye ekwenzeni izinto ezibonakalayo ezithinta izimpilo zabantu.

“Indawo ofuna ukufika kuyo ayibalulekile kangako uma ungayethembi indlela ekuyisa khona,” kusho uNtuli, enxusa amalungu oMkhandlu ukuthi agxile ekusebenzeni kunokuphindaphinda izinhlelo.

UNtuli, oseneminyaka emibili ehola lesi sifundazwe, uthe izakhamuzi azisafuni ukuzwa izethembiso kuphela kodwa zifuna ukubona intuthuko ebonakalayo.

Uphinde wanxusa uhulumeni ukuthi uqinise izinhlaka esezikhona kunokuba kwakhiwe ezinye ezizophinda umsebenzi, wathi ubumbano, ukuziphatha ngendlela efanele nokuziphendulela kufanele kube yisisekelo somsebenzi woMkhandlu.

Okunye okugcizelelwe nguNtuli wukuthi imicimbi kahulumeni kumele iveze ubunjalo bangempela baKwaZulu-Natali, hhayi ukuthi ibonakale sengathi ibuswa umphakathi wohlanga olulodwa.

Uthe abantu baseNdiya, amaKhaladi, abelungu nabamnyama kumele bonke babandakanywe ngendlela enobulungiswa emisebenzini kahulumeni, ngoba ukubumbana kweqiniso kuqala ngokuthi abantu bazibone bemelwe futhi behlonishwa.

Lokhu kuhambisana nezimiso zoMthethosisekelo waseNingizimu Afrika, ogcizelela isithunzi somuntu, ukulingana, amalungelo abantu kanye nokungabandlululi ngokobuhlanga. UMthethosisekelo uphinde uchaze iNingizimu Afrika njengezwe elihlangene ngokwehlukahlukana kwalo.

Uhulumeni kazwelonke usuneminyaka usebenza ngezinhlelo zokubumbana komphakathi, ngenhloso yokwakha umphakathi ongenabandlululo, onobulungiswa nonobunye. Lezi zinhlelo zikhuthaza ukubambisana kukahulumeni, izinhlangano zomphakathi, abaholi bendabuko, izinhlangano zezenkolo nezinye izinhlaka.

UNtuli uthe ukwakha isifundazwe esibandakanya wonke umuntu kudinga ukuthi abantu bangabi izibukeli kodwa babe yingxenye yentuthuko.

“Okungalungile ekwakhiweni kungalungiswa ekwakhiweni. Ukubumbana komphakathi akusona isiqubulo esibhalwa emabhodini, kodwa kuyisisekelo sentando yeningi uqobo,” kuphetha uNtuli.

Umyalezo wakhe uza ngesikhathi iNingizimu Afrika igubha iminyaka engu-30 yoMthethosisekelo, okuyisikhumbuzo esiphinde savuselela inkulumo yokuthi izwe kumele liqhubeke nokuphulukisa amanxeba esikhathi esedlule, liqinise ukulingana futhi lakhe umphakathi obumbene.