Intatheli yeSivubela Intuthuko
USUKU lokugcina lomkhankaso wokubhaliswa kwabavoti luphenduke usuku olungasoze lwalibaleka kuGogo Shongwe wakwaHlomendlini, eMandeni, njengoba iKhomishana Ezimele Yezokhetho (IEC) imvakashele ekhaya ukuyogubha usuku lwakhe lokuzalwa lweminyaka engu-104, yaphinde yamqinisekisa ukuthi igama lakhe likhona ohlwini lwabavoti.
Iqembu le-IEC eMandeni livakashele emzini kaGogo Shongwe limphathele izipho ukugubha usuku lwakhe olubalulekile. Logogo, owaziwa kakhulu ngabantu bakule ndawo ngothando ngokuthi uGogo Shongwe, uthole ikhekhe, ukudla, iziphuzo kanye nesipho semali ngesikhathi izikhulu ze-IEC zimhalalisela ngokufinyelela eminyakeni engu-104.
Okugqamise lolu suku ukuthi, phakathi kwenjabulo yokugubha usuku lokuzalwa, izikhulu ze-IEC ziphinde zabheka ukuthi uGogo Shongwe ubhalisiwe yini njengomvoti, zamqinisekisa ukuthi usohlwini lwabavoti ukuze akwazi ukuqhubeka nokusebenzisa ilungelo lakhe lokuvota okhethweni oluzayo.
UGogo Shongwe, obonakale ejabule kakhulu ngalesi senzo, ubonge izikhulu ze-IEC ngokumkhumbula ngosuku lwakhe olubalulekile.
“Ngiyabonga, iNkosi inibusise bantabami,” kusho uGogo Shongwe.
Umndeni kaGogo uthe ukuvakasha kwe-IEC kubafice bengakulindele, njengoba nabo bebengazange bahlele umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa, bethi bagcine bengasakhumbulanga ukuthi lolu suku selufikile.
Ukuvakasha kwe-IEC kuze ngesikhathi esibalulekile njengoba izikhulu beziphetha umsebenzi wokubhaliswa kwabavoti ngesikhathi sempelasonto yokubhalisa.
Ukubhaliswa kwabavoti kuyisinyathelo esibalulekile njengoba umuntu ofanele ukuvota kufanele abe semqulwini wabavoti ukuze akwazi ukubamba iqhaza okhethweni.
I-IEC iphinde ikhuthaze abantu abafanelekayo ukuthi baqinisekise ukuthi imininingwane yabo ibhalwe ngendlela efanele, ikakhulukazi labo abashintshe izindawo zokuhlala, ukuze bavotele esiteshini esifanele.
Kubalulekile ukuthi abantu baqonde ukuthi ukuvota akugcini nje ngokukhetha iqembu noma umuntu ozobamela, kodwa kuyindlela yokuthi izakhamuzi zibe nezwi ekutheni izwe, izifundazwe kanye nohulumeni basekhaya baphathwe kanjani.
UGogo Shongwe, oseneminyaka engaphezu kwekhulu ephila, uphinde waba yisibonelo sokuthi iminyaka yobudala akufanele ibe yisithiyo ekubeni yisakhamuzi esibambe iqhaza ezindabeni zezwe.
Ngokumvakashela emzini wakhe, i-IEC iphinde yakhombisa ukubaluleka kokuletha izinsiza kubantu abadala abangase babe nobunzima bokufinyelela ezikhungweni zokubhalisela ukuvota.
