Intatheli yeSivubela Intuthuko

IPROJEKTHI yokufuya izinkukhu eNdulinde, eMandeni, isithole umfutho omusha njengoba i-Enterprise iLembe isiphendule isicelo sosizo lokudla kwezinkukhu, yathi ukweseka abalimi abasafufusa kuyisinyathelo esibalulekile ekwakheni imindeni ezimele nomnotho wasemakhaya oqinile.

Ithimba le-Enterprise iLembe livakashele iShanoz Poultry Project eNdulinde, eWard 6 ngaphansi kukaMasipala waseMandeni, kulandela isicelo salo msebenzi sokuthola ukwesekwa ngokudla kwezinkukhu. Ukuvakasha kwale nhlangano kuyingxenye yomsebenzi wayo wokusebenzisana nabalimi bendawo nokubhekana nezidingo ezibavimbela ekukhuliseni amabhizinisi abo.

iShanoz ingenye yamaphrojekthi abalimi bendawo athola ukunakwa ngenxa yesidingo sezinsiza zokukhiqiza. Ukudla kwezinkukhu kubaluleke kakhulu ebhizinisini elifana neShanoz, njengoba ikhwalithi nokwanele kokudla kungaba nomthelela ekukhuleni kwezinkukhu, ekukhiqizeni nasekutheni umlimi akwazi ukwenza inzuzo. Lokhu kwenza usizo olufana nalolu lube ngaphezu kokunikezwa kwezimpahla futhi lungaba yithuba lokuthi umlimi aqhubeke nokukhiqiza ngesikhathi akha isisekelo sebhizinisi elizinzile.

Isikhulu esiphezulu se-Enterprise iLembe, uMnuz Siyabonga Mazibuko, sithe inhloso yabo akukhona nje ukuletha usizo kumabhizinisi, kodwa ukusiza abalimi baguqule ukuzimisela kwabo kube yimpumelelo.

“Indima yethu akukhona ukweseka amabhizinisi kuphela, kodwa ukusiza ukuguqula ukuzimisela kube impumelelo. Wonke umlimi esimhlomisayo usho omunye umndeni oqinayo, elinye ibhizinisi elithola ithuba lokukhula kanye nesinyathelo esiya emnothweni wendawo oqinile. Ezolimo zihlala zingomunye wemikhakha ebalulekile ekukhuliseni umnotho, ngakho i-Enterprise iLembe izoqhubeka nokuhamba nabalimi kulolu hambo,” kusho uMazibuko.

Ngokusekelwa kweShanoz, i-Enterprise iLembe ithe ifuna ukubona abalimi bakule ndawo bekhula babe ngamabhizinisi akhiqizayo, akwazi ukudala amathuba emisebenzi futhi abe negalelo ekutholakaleni kokudla eLembe.

Kanti eNdulinde, lolu sizo luphinde lukhombise ukuthi impumelelo yomlimi ayakhiwa ngosuku olulodwa, kodwa iqala ngethuba elincane, ukwesekwa okufanele nokuzimisela ukuqhubeka nokusebenza.