Intatheli yeSivubela Intuthuko
Imisebenzi iyabonakala kuMasipa waKwaMaphumulo oholwa yiMeya uKhansela Zibuyisile Khuzwayo‑Dlamini, nje ngoba kwethule ngokusemthethweni isigaba sesibili (Phase 2) somgwaqo u Khukho Road oseWadi 4, eSoyengweni.
UMeya ubehambisana noSekela Meya uKhansela P Shezi, uSomlomo womkhandlu uKhansela C. S Shange, uSotswebhu womkhandlu uKhansela N Nkosi,amaKhansela kanye nezikhulu zikaMaspala.
Lomsebenzi uxhaswe ngohlelo lwe Municipal Infrastructure Grant (MIG) olungaphansi kukaCOGTA.
Isigaba sesibili sihlanganisa ukulungiswa ngeStabilised Gravel onobude obulinganiselwe ku-2 km,ukuhlinzeka ngengqalasizinda yokuhambisa amanzi (drainage) kanye nama-guard rails okuvikela izimoto.
Inkampani yakwa Mahushu Civils iyona ephethe lo msebenzi wokulungisa lomgwaqo nosudale amathuba emisebenzi alinganeselwa ku-19 kubantu bendawo.
Ekhuluma emhlanganweni wokwethulwa, uMeya Khuzwayo-Dlamini ubongele umphakathi waseSoyengweni ngokuba nesineke ngesikhathi umsebenzi uqhubeka, waphinde wanxusa izakhamizi ukuba ziwuphathise okwezikhali zamantungwa lomgwaqo.
Ngokusho kwaloMasipala, kulindeleke ukuthi isigaba esilandelayo kube esokufakwa kwetiyela ngonyaka-mali ozayo, okuyisinyathelo esizoqinisekisa ukuthi abahamba ngezimoto basebenzisa umgwaqo ophephile.
