Intatheli yeSivubela Intuthuko
Bekukuhle kudelile esizweni saseMacambini, eMandeni njengoba bekunomcimbi wokungena esibayeni kwenkosi yesizwe, iNkosi Mthokozisi Mathaba.
Lomcimbi ubuhanjelwe izicukuthwane okubalwa nobuholi bomkhandlu ka Masipala wase Mandeni nobebuholwa oyiMeya yomkhandu uKhansela Thabani Mdlalose ehambisana namaKhansela, abaqondisi, izimenenja kanye nabasebenzi bomkhandlu.
Ukuba yingxenye yalomcimbi kungenhloso, yokuqhuba ubudlelwano obuhle phakathi kuka-Hulumeni wasekhaya kanye namakhosi ezizwe zase Mandeni.
NoMeya wesifunda iLembe uKhansela Thobani Shandu kanye nosomlomo weLembe uKhansela Dolly Shandu nabo babe yingxenye yalomcimbi.
ENkulumweni yakhe, uMeya Mdlalose unxuse uhulumeni wesifundazwe ukuba usondele emakhosini ezizwe zase Mandeni ngenhloso yokuzovuselela umlando onothile ngokwakheka kombuso ka Zulu.
“Lapha esikhona, eMacambini kunendawo iNdondakusuka, kunomlando ojulile ngalendawo odinga ukulandelelwa ukuze uhlobaniswe nokwakheka kombuso ka Zulu. Lokhu kuzokwenza kuvuseleleke nezizinda zomlando, sinxenxe abavakashi izindawo zamakhosi zikwazi ukuphilisa abantu”
Inkosi yesizwe sase Macambini, iNkosi uMthokozisi Mathaba, ubonge isizwe ngokwesekwa, wanxusa nohulumeni ukuthi uqinise ukulethwa kwentuthuko ezizweni zamakhosi.
“Siyabonga ukubona uhulumeni esondela ekusekeni imicimbi efuze lena, siyathemba lokhu kuzoqhubeka, kuhlale kuphithizela emhlabeni yamakhosi kulethwa intuthuko” Kubeka iNkosi.
UMeya Thabani Shandu, ubongele isizwe sase Macambini ngalengqophamlando yomcimbi, wanxusa namakhosi ahlukene abethamele lomcimbi ukuthi aqhubeke nokubambisana nohulumeni ukuphucula izimpilo zabantu.
“Sinokusebenzisana okuhle nawowonke amakhosi angaphansi kwesifunda iLembe, ubukhona kwethu lapha kuwubufakazi bokuthi amaxhama okubambisana aqinile, sizoqhubeka nokubambisana namakhosi Kanye nokuphuthumisa intuthuko ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya”
