Intatheli yesivubela

Uzizwa uvikelekile kumbani oyingozi umndeni wakwaLuthuli eNdwedwe kuwadi 11 emva kokuba uMasipala wesiFunda iLembe ufake isikhonkwane sezulu.

Lokhu kuza emva kokuba lomndeni ufake isicelo kuMasipala ngenxa yezulu eliduma ngamandla nokuholela ekutheni kulimale impahla. Endaweni yaseNdwedwe, sekuke kwabikwa izigameko eziningana lapho umbane ushaye khona izindlu, kwalimala abantu abambalwa kwathi kwezinye izikhathi kwashona nezinkomo ngenxa yombane. Lokhu kubonise ubungozi bombane obuvame ukubangelwa izulu elinamandla kule ndawo, okwenza kubaluleke kakhulu ukufaka izikhonkwane zezulu ukuze kuvinjwe ukulahlekelwa impahla noma ukuphila kwabantu.

Ilunga lomndeni uMnuz Thembizwi Luthuli uzwakalise enkulu injabulo ngokwenzekile.

“Siyabonga kakhulu kuMasipala wesiFunda iLembe ngokuphuthuma ukulungisa inkinga yethu esayibika emasontweni edlule. Siyafisa niqhubekele phambili ukulekelela abanye, sesizizwa siphephile manje ngalesisikhonkwane ngoba belithi uma liduma izulu thina besazi ukuthi kuzolimala izimpahla zethu endlini,” kusho uLuthuli.

Obehola ithimba elenze lomsebenzi, ilungu lesiGungu esiphezulu uKhansela Hlengiwe Makhatha. “Kuseqhulwini lomkhandlu ukunakekela imphakathi engaphansi kwesiFunda iLembe ngazozonke izinto ezithinta impilo yabantu. Siyayiqonda ingozi enkulu edalwayo umbane uma izindlu zinganawo amasistimu okuvikela, yingakho siqhubeka nokusiza imindeni eminingi ezindaweni ezisemakhaya ezifana neNdwedwe,” kusho uKhansela Makhatha.

Njengoba sekuyisikhathi sasehlobo, umphakathi uyakhunjuzwa ukuthi kumele uzivikele uma liduma izulu. Ezinye izindlela zokuzivikela ukugwema ukuma ngaphandle noma eduze kwezihlahla, futhi kumele kucinywe  izinto ezisebenza ngogesi ezingadala ingozi ezifana ne-TV, i-friji noma umshini wokuwasha ngesikhathi kunombani. Abantu bayaxwayiswa ukuthi uma besendlini, bahlalele kude nezibuko noma izinsimbi ezinkulu ukuze kuncishiswe ithuba lokushaywa umbane.