Intatheli yeSivubela Intuthuko

Kube nengqungquthela yesithupha ye-Urban Agri World ebibanjelwe e-The Capital Hotel, eZimbali, lapho iMeya yesiFunda iLembe, uKhansela Thobani Shandu, egcizelele khona ukubaluleka kokuqanjwa kwamasu amasha okondla amadolobha akhula ngesivinini esikhulu.

Lengqungquthela ibibanjwe ngaphansi kwendikimba ethi “Growing Cities, Feeding the Future”, yahlanganisa ochwepheshe bomhlaba kanye nabashintshi bendawo ngenhloso yokucabanga kabusha ngendlela ezolimo ezingathuthuka ngayo ezindaweni zasemadolobheni.

IMeya uShandu ugcizelele ukuthi ubuchwepheshe obufana ne-artificial intelligence kanye ne-hydroponics abusayona into yobukhazikhazi, kodwa sebuyisidingo ekwakhiweni kwezinhlelo zokudla ezihlanganisayo nezikwazi ukumelana nezinguquko zesimo sezulu. Uqhubeke ngokudumisa ubudlelwano obuhle obuqhutshwa yi-Enterprise iLembe nezinhlangano ezahlukene ezifana ne-Agritecture, uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal, i-KZN Tourism and Film Commission, IGROW, SASRI, kanye ne-Association for Vertical Farming.

UShandu uveze ukuthi lokhu kubambisana kuhloswe ngakho ukuqhubekisela phambili umbono owake wethulwa nguNgqongqoshe wezoLimo wangaphambili, uMnuz Dumisani Makhaya, owakhuthaza umphakathi ngekhwelo elithi “phezukomkhono, asibuyele emasimini.” Leli khwelo laliyisicelo sokubuyela emhlabeni ukulima ukudla okuyisisekelo ukuze kuliwe nendlala nobubha.

IMeya iphinde yagcizelela ukuthi le mbono ibaluleke kakhulu namuhla kunangaphambili, njengoba abantu abaningi befudukela emadolobheni. Uthe kubalulekile ukuthi izakhamizi ziqonde ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi zihlala kuphi, zingakwazi ukutshala ukudla ezingakudla, noma ngabe ngezinga elincane.

Ngokuhlanganisa ukunotha kwezindawo zasemakhaya kanye nokukhula kwamadolobha, uShandu uthe iLembe lisendaweni ephambili yokuhola ezisombululweni zezolimo ezisimeme.

“Asisebenzise le ngqungquthela ukuze sakhe ubudlelwano, sikhulise amaphrojekthi asendaweni, futhi sivule amathuba okutshalwa kwezimali. Ikusasa lokudla liqala lapha,” kusho iMeya uShandu.