MAGAYE CELE

UFUNA kuqedwe imigwaqo ewubhuqu eJozini loyo onguNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube Ncube.

UNdunankulu uDube Ncube uthi kuyinto emqoka kakhulu ukubaluleka kokuthi abantu bakule ndawo bathole intuthuko yemigwaqo esemgangathweni.

Echaza ngalokhu uDube Ncube uthe: “Njengobuholi obuphezulu besiFundazwe saKwaZulu Natal sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi imigwaqo ewubhuqu eJozini iyaphela nje nya. Lokhu sikholwa ukuthi yinto ezokwenzeka inqobo nje uma zonke izinhlaka zisebenza ngokukhulu ukubambisana lokhu.’’

UNdunankulu uthi kuyinto eseqhulwini kubona njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal ukulungiswa kwengqalasizinda ikakhulukazi ezindaweni ezisemakhaya.

Uthe yingakho nje sebenohlelo oluhlabahlosile abahlose ngalo ukuqinisekisa ukuthi imigwaqo ewubhuqu iyaqedwa kuzona zonke izingxenye ezahlukene zasesiFundazweni saKwaZulu Natal.

“Kuyinto emqoka kakhulu ukuqedwa kwemigwaqo ewubhuqu. Yingakho nje sifuna ukuthi imigwaqo ewubhuqu siyiqede nje endaweni yaseJozini. Kodwa kube wuhlelo esilwenza ezindaweni ezahlukene zasemakhaya ezikhona kusona sonke isiFundazwe saKwaZulu Natal,’’kuchaza uNdunnakulu uDube Ncube.

Eqhuba ukhulume nangokubaluleka kokuba kuphuthunyiswe amanzi ezindaweni ezisemakhaya.

Lokhu uthi kuyinto edala inhlalonhle kubantu abahlala ezindaweni zasemakhaya. “Ngaphandle nje kwemigwaqo ewubhuqu enye into emqoka kakhulu kithina njengohulumeni wesiFundazwe saKwaZulu Natal ukuhanjiswa kwamanzi kubantu. Sifuna ukuthi abantu bakithi ikakhulukazi abasezindaweni zasemakhaya bangabe besazithola bebhekene nenkinga enkulu yokushoda kwamanzi,’’usho kanje.

Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokulungiswa kwazo zombili lezi zinto athe vele sebeqalile ukuzilungisa ezindaweni zasemakhaya.