SANDILE MTHETHWA

LUZODLA u-R136 million uhlelo lweNkatha Freedom Party (IFP) kuMasipala wesiFunda, iZululand lokuhlinzekwa ngamanzi kubantu bakule ndawo.

IMeya yakulo masipala, uMfu Thulasizwe Buthelezi uthe kuyinto emqoka ngaphezulu kwezinto zonke ukuhanjiswa kwentuthuko yamanzi kubantu basesiFundazweni saKwaZulu Natal.

Lolu hlelo uMeya uMfu Buthelezi aluchaze njengolubululekile kakhulu lwethulwe endaweni yaseMngamunde kuWadi 1 kanjalo nasendaweni yaseSiphambanweni kuWadi 6.

Kuvela ukuthi lolu hlelo luzohamba luze luyokapakela nakuwadi 4 nakwezinye izingxenye ezahlukene ezikhona kule ndawo.

UMeya uButhelezi uthe njengomasipala babone kumqoka kakhulu ukuthi babhukule kube khona abakwenzayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi lolu hlelo luyafinyelela kubantu ngokushesha.

Echaza ngalolu hlelo lokufinyeleliswa kwamanzi kubantu uMeya uMfu Buthelezi uthe: “Siyakholelwa kakhulu ekubalulekeni kohlelo lokuhanjiswa kwamanzi kubantu bakithi. Yingakho nje sithathe lesi sinqumo sokuthi sisukume senze isiqiniseko esikhulu sokuthi amanzi ayafinyelala ngampela kubantu.’’

IMeya ibuye yakhuluma nangohlelo oluhlabahlosile lokufakwa kompompi bamanzi ezindaweni ezahlukene zakwaMandlakazi.

Wenze isethembiso sokuthi uhlelo lokunikezela ngosizo lwamanzi kubantu luzobonakala luhamba ngokushesha.

Uthe lokhu bazobe bekwenza ngoba bakuqonda kahle kamhlophe ukubaluleka kokuba abantu bawathole amanzi.

“Ngiyathembisa ukuthi kuyothi kuqamba kushaya uMeyi wangonyaka ozayo bonke abantu baKwaMandlakazi bayobe sebenompompi endlini. Lokhu njengoMasipala waseZululand sizokwenza konke okusemandleni ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ngampela kuyenzeka,’’usho kanjena.

Mayelana nezindawo abangakafinyeleli kuzona nosizo lwamanzi iMeya uMfu Buthelezi ucele ukuthi kube khona ukubekezelelana nokulinda. 

“Siyacela siyanxusa ukuthi nakwezinye izindawo basibekezelele. Sihlose ukuthi sigcine sifinyelelile kuzona zonke izindawo zethu ezikhona lapha eZululand,’’ usho kanjena.

Uveze nanokuthi njengoMasipala waseZululand banohlelo oluhlabahlosile lokuqeqeshwa koPlumber.