SANDILE MTHETHWA

NGENHLOSO yokulungisa imigwaqo esezindaweni ezisemakhaya uMasipala waseMandeni enyakatho yesiFundazwe saKwaZulu Natal sewethule ngokusemthethweni izithuthi ezizokwenza lo msebenzi.

Lo Masipala oholwa nguKhansela uThabani Mdlalose lokhu uthi ukwenza ngoba uhlose ukuqinisekisa ukuthi abantu bakule ndawo intuthuko bayibona ngamehlo.

Lolu hlelo lokwethulwa ngokusemthethweni kwezithuthi ezizophucula imigwaqo yasemakhaya lulandela izikhalazo zabantu bakule ndawo mayelana nenkinga yemigwaqo.

Phakathi kwezinsiza ezintsha ceke nezizoqala ukusebenza kubalwa lezi ezilandelayo amaTipper Truck amathathu okuthiwa azolekelela ngenhloso yokuthutha inkwali kuzo zonke izindawo lapho idingakala khona.

Kunikelwe nangama Water Tanker wona okuvela ukuthi umsebenzi wawo kuzokube ukuqondiswa komgwaqo ngokuchela amanzi, ukuthambisa umhlabathi ukuze okwenziwayo kube yinto ebonakala iseqophelweni eliphezulu futhi esemgangathweni.

Umshini wokugugula nokuqondisa imigwaqo kanye nokuvula izindlela zihlale zisesimweni esifanelekile ngaso sonke isikhathi.

Okunye lo Mkhandlu onikele ngakho kube ngamaDrum Roller okuthiwa azolekelela ukubhambatha umgwaqo ngesikhathi kuqhubeka ukulungiswa kwawo.

Konke lokhu uMkhandlu waseMandeni ukholwa ukuthi kuzodala umehluko omkhulu uma seluqalile uhlelo lokulungiswa kwemigwaqo yakule ndawo.

Kwethulwa lolu hlelo nje uKhansela uMdlalose uhlezi vele ekugcizelela kakhulu ukubaluleka kokuba intuthuko ibonakale ifinyelela kubantu ngaso sonke isikhathi.

Nalolu hlelo lokulungiswa kwemigwaqo nalo ulushayele elikhulu ihlombe wathi ukholwa ukuthi luzobonakala ludala umehluko omkhulu kubantu baseMandeni namaphethelo.

Ziningi ezinye izinhlelo ezihlabahlosile uMasipala waseMandeni ozenzayo ngenhloso yokuletha intuthuko kubantu bakule ndawo.