MAGAYE CELE

SEYENZE isibophezelo sokunikezela ngosizo lwamanzi kumalunga omphakathi iMeya yaseKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli.

UMeya uNtuli uthi kuyinto emqoka kunazo zonke ukuqinisekisa ukuthi abantu baseKing Cetshwayo bayawathola amanzi.

Eqhuba uchaze amanzi njengesidingo esikhulu kakhulu kubantu. Echaza ngalokhu uMeya uNtuli uthe: “Lapha eKing Cetshwayo sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ethu ngenhloso yokunikezela ngosizo lwamanzi kubantu bakule ndawo. Siyakholelwa kakhulu ekutheni abantu bakithi akumele babalise ngenkinga yamanzi.’’

Uthe uyaqonda ukuthi abantu basabhekene nayo inkinga yamanzi wathi kodwa bayathembisa ukuthi bazobhukula bayilungise le nkinga.

Ugcizelele ukuthi abantu bayawadinga amanzi ukuze bezophila impilo ebonakala inenhlalakahle ngaso sonke isikhathi.

“Kumqoka ukuthi abantu bakithi bawathole amanzi ngoba ayisidingo esikhulu kubona. Ukuze abantu bakithi sibagcine bejabulile ngaso sonke isikhathi kumele sibanikeze izinto ezimayelana nentukuko,’’esho egcizelela.

Ukulethwa kwentuthuko kubantu kuyinto uMeya uNtuli athe bayibeke eqhulwini ngaso sonke isikhathi.

Ukhulume nangokubaluleka kokubonakala kwabantu abasha baseKing Cetshwayo bethuthuka ngokwezinga lempilo.

Uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi benza konke okusemandleni abo ngenhloso yokufukula abantu abasha bakule ndawo.

“Ukuthuthukiswa kwabantu abasha baseKing Cetshwayo siyakholelwa kakhulu kukhona. Yingakho nje sizimisele ngokuthi abantu abasha sibalekelele ngezindlela ezahlukene,’’usho kanjena.

Uveze ukuthi zikhona ezinye izinhlelo iKing Cetshwayo enazo ezimayelana nokuthuthukiswa kwabantu abasha.

Uthe lezi zinhlelo kumqoka kakhulu ukuba zibonakale ziba khona minyaka yonke ngoba abantu abasha bayingxenye enkulu yaseKing Cetshwayo.